Ukuzibulala, Ukuzilimaza, Nezinkinga Zokungadli Kahle

Imininingwane yenqubomgomo

SHINTSHA ILOGI
Ukuqonda Inqubomgomo
Sikukhathalela ngokujulile ukuphepha kwabantu abasebenzisa ama-app ethu. Sixhumana njalo nochwepheshe bokuzibulala, ukuzilimaza nezinkinga zokudla ukuze kusekelwe kukho izinqubomgomo zethu nokuphoqelela kwethu, futhi sisebenza nezinhlangano emhlabeni wonke ukuze sihlinzeke ngosizo kubantu abacindezelekile.
Nakuba singabavumeli abantu ukuba bagubhe noma baphromothe ngenhloso noma ngokungenhloso ukuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle, siyabavumela abantu ukuba baxoxe ngalezi zihloko ngoba sifuna ukuba amasevisi ethu abe yindawo lapho abantu bengase babelana khona ngaloko abakutholile, baqwashise ngalezi zinkinga, futhi bafune ukusekela komunye nomunye. Singase futhi sibeke umkhawulo wokubuka lokhu okuqukethwe kube abantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu.
Sisusa noma yikuphi okuqukethwe okukhuthaza ukuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle, okubandakanya okuqukethwe okuyinganekwane njengama-meme noma imifanekiso, nanoma yikuphi okuqukethwe kokuzilimaza okuyingcaca, kungakhathaliseki umongo. Sisusa okuqukethwe okuneziqondiso zokuziphatha kokunciphisa umzimba ngokweqile. Sisusa futhi okuqukethwe okuhlekisa ngabantu abazibulele noma abasindile, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle, kanye nokuboniswa kokuzibulala noma kokuzilimaza okwenzeka ngaleso sikhathi. Okuqukethwe okumayelana nokululama ekufuneni ukuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle okuvumelekile, kodwa okungase kube nezithombe ezingacasula (njengesibazi esipholile) kubekwa ngemuva kwesikrini sokuzwela futhi sizobeka umkhawulo ukuze okuqukethwe kubukwe kuphela abantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu.
Lapho abantu bethumela noma besesha okuqukethwe kokuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle, sizobaqondisa ezinhlanganweni zendawo ezingahlinzeka ngokusekela futhi uma ithimba lethu Lemisebenzi Yomphakathi likhathazekile ngokulimala okuseduze sizoxhumana namasevisi endawo ezimo eziphuthumayo ukuze bathole usizo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, vakashela Isikhungo Sokuphepha se-Meta.
Ngokuphathelene nokuqukethwe okubukhoma, ochwepheshe baye basitshela ukuthi uma othile ethi uhlose ukuzama ukuzibulala ebukhoma, kufanele sihlale sikuvulile lokho okuqukethwe isikhathi eside kangangokunokwenzeka ngoba uma umuntu ehlala ekwikhamera isikhathi eside, likhulu ithuba lokuba umngane noma ilungu lomndeni lishayele amasevisi ezimo eziphuthumayo ucingo. Kodwa-ke, ukuze kuncishiswe ingozi yokuba abanye bathinteke kabi ngokubuka lokhu okuqukethwe, sizokumisa ukusakaza bukhoma lapho usongo seluphenduka ukuzama. Njengoba kushiwo ngenhla, kunoma yikuphi, sizothinta amasevisi ezimo eziphuthumayo uma sibona umuntu osengozini eseduze yokuzilimaza.
Asikuvumeli lokhu:
  • Okuqukethwe okuphromotha, okukhuthaza, okuxhumanisa, noma okuhlinzeka ngeziqondiso zokuzibulala, ukuzilimaza, noma izinkinga zokungadli kahle.
  • Okuqukethwe okubonisa ukuzibulala okuyingcaca, ukuzilimaza noma izithombe zezinkinga zokungadli kahle
  • Okuqukethwe okubonisa umuntu owenza umzamo wokuzibulala noma ukufa ngokuzibulala
  • Izithombe zabantu lapho okwabelwana ngazo zihambisana namagama ahlobene nezinkinga zokungadli kahle
  • Okuqukethwe okugxile ekuboniseni izimbambo, iziphanga, phakathi namathanga, izinqulu, isisu esikheciwe, umgogodla ogotshiwe, igxalaba, ukubonakala kwamathambo ezingalweni noma emilenzeni noma izihlathi ezishone phakathi lapho kwabelwana ngakho kuhambisana namagama ahlobene nezinkinga zokungadli kahle
  • Okuqukethwe okuneziqondiso zokuziphatha kokunciphisa umzimba ngokweqile
  • Okuqukethwe okuvumela ukuziphatha kokunciphisa umzimba ngokweqile lapho kwabelwana ngakho kuhambisana namagama ahlobene nezinkinga zokungadli kahle
  • Okuqukethwe okuneziqondiso zokudla kancane kakhulu lapho kwabelwana ngakho kuhambisana namagama ahlobene nezinkinga zokungadli kahle
  • Okuqukethwe okuhlekisa ngabantu abazibulele noma abasinde ekuzibulaleni, ekuzilimazeni noma ezinkingeni zokungadli kahle abaziwayo emphakathini noma okucatshangwa ukuthi babhekana noma bake babhekana nokuzama ukuzibulala, ukuzilimaza noma nezinkinga zokungadli kahle
  • Izithombe ezibonisa ukushintshwa komzimba (isb., i-tattoo, ukuzibhoboza, ukuzenza izibazi, ukuzishaya, njll.) lapho kwabelwana ngako ngokomongo wokuzibulala noma wokuzilimaza
Kokuqukethwe okulandelayo, sihlanganisa isikrini sesexwayiso ukuze abantu bazi ukuthi okuqukethwe kungase kuzwele. Sibeka futhi umkhawulo ukuze kube abantu abadala kuphela ababuka okuqukethwe, abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
  • Izithombe noma amavidiyo abonisa umuntu ehlanganyela ekubulaweni kokuzicelela/ekuzibulaleni ngokulekelelwa kwisethingi yezokwelapha.
  • Okuqukethwe okubonisa izehlakalo ezindala zokuzilimaza njengamanxeba asepholile noma ezinye izithombe zokuzilimaza ezingeyona ingcaca ngokomongo wokuzilimaza, ukuzibulala noma ukululama.
  • Okuqukethwe okubonisa izimbambo, iziphanga, ingaphakathi lamathanga, izinqulu, isisu esikheciwe, umgogodla ophumele ngaphandle, igxalaba, amathambo asobala ezingalweni noma emilenzeni noma izihlathi ezishone phakathi ngokomongo wokululama
Kokuqukethwe okulandelayo, sihlinzeka ngezinsiza kubantu futhi sibeka umkhawulo wokubuka okuqukethwe kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
  • Ukuvuma ngokubhaliwe noma ngokomlomo ukuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle.
  • Zibe nezitatimende noma ukubhekisela ngokungacacile, okungaba okokuzibulala (okuhlanganisa ama-meme noma izithombe ezigciniwe mayelana nomuzwa wokhwantalala, ukuveza ukufa njengendlela yokukhululeka, noma okuqukethwe okuvela emasikweni avamile okugcizelela imicabango emnyama, ecindezelayo) ngokomongo wokuzibulala noma wokuzilimaza.
Kokuqukethwe okulandelayo, sibeka umkhawulo wokubuka okuqukethwe kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
  • Ukuhlekisa noma ukuphika umqondo wokuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle
  • Amazwi anencazelo yokuzibulala ngemininingwane edlulela ngale kokusho nje ngegama noma ukukhuluma ngesenzo noma umphumela
  • Ukuvuma ukuziphatha ngendlela yokunciphisa umzimba ngokweqile
Ezimisweni Zomphakathi ezilandelayo, sidinga ulwazi olwengeziwe kanye/noma umongo ukuze siphoqelele:
  • Singase siwasuse amanothi okuzibulala lapho sinesiqinisekiso sokuzibulala noma somzamo wokuzibulala. Sizama ukuhlonza amanothi okuzibulala sisebenzisa izici eziningana, ezihlanganisa kodwa ezingalinganiselwe kulokhu:
    • Izicelo zomndeni noma zommeleli wezomthetho,
    • Imibiko evela ezindabeni, abezomthetho, noma kweminye imithombo yelungu langaphandle (isb. ama-ejensi kahulumeni, ama-NGO), noma Ifomu Lokuxhumana Lokuqukethwe Kokuzibulala noma Ifomu Lokuxhumana le-Instagram.
    • Singase sicabangele izimpawu zangaphandle kwepulatifomu zokuvuma noma zokukhuthaza ukuzibulala, ukuzilimaza, izinkinga zokungadli kahle noma ukuziphatha kokwehlisa isisindo okweqisayo ezivela kumsebenzisi ukuze sihlole ukuthi okuqukethwe okuthile akuphostile kwipulatifomu ye-Meta kungaba yingozi yini kwabanye.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Idatha
Bheka Umbiko wamuva Wokuphoqelela Izimiso Zomphakathi
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thola usizo ngokuzibulala, ukuzilimaza, noma izinkinga zokungadli kahle
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo