Izimpahla Namasevisi Abekelwe Imingcele

Imininingwane yenqubomgomo

SHINTSHA ILOGI
Ukuqonda Inqubomgomo
Ukuze sikhuthaze ukuphepha futhi sijivaze imisebenzi eyingozi, siyayivimbela imizamo yabantu, abakhi, nabathengisi yokuthenga, ukudayisa, ilotho, ukupha, ukudlulisela noma ukuhweba ngezimpahla namasevisi athile kwipulatifomu yethu. Asikubekezeleli ukushintshana noma ukuthengisa nganoma yiziphi izidakazimizwa okungase kuholele ekusebenziseni kabi imilaliso okuhlanganiswe ngaphansi kwezinqubomgomo zethu ngezansi. Izitolo ezingokoqobo nezikwi-inthanethi zingase ziphromothe ukudayiswa ngaphandle kwamasevisi ethu kwezikhali, utshwala, nezinto zikagwayi; kodwa-ke, izingane sizibekela imingcele ekubonakaleni kwalokhu okuqukethwe. Siyazivumela izingxoxo ezimayelana nokudayiswa kwalezi zimpahla ezitolo noma ngabathengisi abakwi-inthanethi, ezilwela izinguquko kwimithethonqubo yezimpahla namasevisi akhavwe yile nqubomgomo, futhi ezilwela noma eziphathelene nokusetshenziswa kwemithi ngokomongo wokwelapha, okuhlanganisa ingxoxo ngemithelela engokomzimba nengokwengqondo.
Izimpahla Namasevisi Abekwe Imingcele akhiwa izigaba ezilandelayo:
  • Izidakamizwa Nemithi
  • Izikhali, Izinhlamvu noma Iziqhumane
  • Ugwayi Nemikhiqizo Ehlobene
  • Utshwala
  • Ezempilo Nenhlalakahle
  • Ukugembula Nemidlalo Ku-inthanethi
  • Indalo esengozini yokushabalala nevikelwe (izilwane zasendle nezitshalo)
  • Ubuciko Bakudala
  • Izimpahla Nezinto Eziyingozi
  • Izingxenye Zomzimba Noketshezi
Isigaba ngasinye siningilizwe ngezansi.
Izidakamizwa Nemithi
Asikuvumeli lokhu:
Izidakamizwa ezinengozi enkulu (izidakamizwa ezisethubeni elikhulu lokuba zisetshenziswe kabi, ziluthe, noma ezihlobene nezingozi ezimbi zempilo, okubandakanya ukweqisa imithamo; isb., i-cocaine, i-fentanyl, i-heroin).
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukuxhumanisa ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela izidakamizwa ezinengozi enkulu.
  • Okuvuma ukuthenga, ukuweba noma ukuxhumanisa ukuweba ngezidakamizwa ezinengozi enkulu okwenziwa yilowo othumele okuqukethwe noma esebenzisa abanye.
  • Okuvuma ukusebenzisa komuntu siqu ngaphandle kokuvuma noma ukubhekisela ekululameni, ekwelapheni, noma kolunye usizo lokulwa nokuzisebenzisa. Lokhu okuqukethwe kungase kungakhulumi kahle, kukhuthaze ukusetshenziswa, kuxhumanise noma kuhlinzeke ngeziqondiso zokwakha noma zokusebenzisa izidakamizwa ezinengozi enkulu.
  • Okuxhumanisa noma okupromotha (ngalokho sisho ukukhuluma kahle, ukugqugquzela ukusetshenziswa, noma ukuhlinzeka ngeziqondiso zokusebenzisa noma zokwakha) izidakamizwa ezinengozi enkulu.
  • Phawula: Ukuba nenkulumo-mpikiswano noma ukukhuthaza ukwenziwa kube ngokomthetho noma ukudingida izinzuzo ezingokwesayensi noma zokwelapha zemithi eyingozi kakhulu kuvumelekile. Lokhu kuhlanganisa izindaba nezimemezelo zomphakathi.
Izidakamizwa ezingezona ezokwelapha (izidakamizwa noma imilaliso okungeyona esetshenziselwa injongo yokwelapha ezihlosiwe noma esetshenziselwa ukudaka ingqondo - lokhu kubandakanya amakhemikhali okwandulela noma imilaliso esetshenziselwa ukukhiqiza lezi zidakamizwa.)
Ikhontenti
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukuxhumanisa ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela izidakamizwa okungezona ezokwelapha.
  • Okuvuma ukuthenga, ukuweba noma ukuxhumanisa ukuweba ngezidakamizwa okungezona ezokwelapha okwenziwa yilowo othumele okuqukethwe noma abanye.
  • Okuvuma ukusebenzisa komuntu siqu ngaphandle kokuvuma noma ukubhekisela ekululameni, ekwelapheni, noma kolunye usizo lokulwa nokuzisebenzisa. Lokhu okuqukethwe kungase kungakhulumi kahle, kukhuthaze ukusetshenziswa, ukuxhumanisa noma kuhlinzeke ngeziqondiso zokwakha noma zokusebenzisa izidakamizwa ezingezona ezokwelapha.
  • Okuxhumanisa noma okuphromotha (ngalokho sisho ukuthi okukhuluma kahle, okukhuthaza ukusetshenziswa, noma okuhlinzeka ngeziqondiso zokusebenzisa noma zokwakha) izidakamizwa ezingezona ezokwelapha.
  • Ukuzama ukuthengisa noma ukuphromotha izinto zezidakamizwa ezingezona ezokwelapha.
  • Kunezimpahla ezimelela izidakamizwa ezingezona ezokwelapha.
Imithi etholakala ngencwadi kadokotela (imithi etholakala ngencwadi kadokotela noma yesazi sezokwelapha ukuze uyithathe)
Okuqukethwe:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngemithi etholakala ngencwadi kadokotela ngaphandle kwalapho:
    • Kubonisa inani lemigomo ngokomongo wokufundisa ngokusobala noma ingxoxo lapho kulinganiselwe kuphela kubantu abaneminyaka eyi-18 noma ngaphezulu.
    • Kuthi kungathumela uma kukhangiswe amabhizinisi ezempilo asemthethweni athengisa ku-inthanethi uma kulinganiselwe kubantu abaneminyaka eyi-18 noma ngaphezulu Lokhu okuqukethwe kufanele kube nokuziqathulula kokuxhumana nochwepheshe wezempilo osemthethweni noma kokuthola incwadi kadokotela efanele.
  • Kuzama ukunikela noma ukuphisana ngemithi etholakala ngencwadi kadokotela, ngaphandle kwalapho kunenhlekelele yezomnotho, yezempilo, yomphakathi noma yemvelo.
  • Kucela imithi etholakala ngencwadi kadokotela, ngaphandle kwalapho okuqukethwe kudingida ukufinyeleleka ngokwezindleko, ukutholakala noma ukusebenza kwemithi etholakala ngencwadi kadokotela ngokomongo wezokwelapha.
  • Phawula: Ukuba nenkulumo-mpikiswano noma ukukhuthaza ukwenziwa kube ngokomthetho noma ukudingida izinzuzo ezingokwesayensi noma zokwelapha zemithi etholakala ngencwadi kadokotela kuvumelekile. Lokhu kuhlanganisa izindaba nezimemezelo zomphakathi.
Imithi Yasemsamo
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukuphisana noma ukucela imithi yasemsamo.
  • Phawula: Ukuba nenkulumo-mpikiswano noma ukukhuthaza ukwenziwa kube ngokomthetho noma ukudingida izinzuzo ezingokwesayensi noma zokwelapha zemithi yasemsamo kuvumelekile.
Insangu Nemikhiqizo Eyakhiwe Ngensangu
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukupha noma ukucela insangu nemikhiqizo equkethe i-THC noma izakhi ezihlobene nokudungeka kwengqondo.
Ngokomongo olandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwako kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
Imithi Yasemsamo
  • Okuqukethwe okubonisa ukwamukelwa ekusebenziseni komuntu siqu, okuxhumanisa noma okuphromotha (ngalokho sisho ukuthi okukhuluma kahle), noma okukhuthaza ukusetshenziswa kwemithi yasemsamo.
    • Ngaphandle kwalapho noma yikuphi okungenhla kwenzeka ngokomongo oqanjiwe noma wengxoxo.
Insangu Nemikhiqizo Eyakhiwe Ngensangu
  • Okuqukethwe okuxhumanisa noma okuphromotha (ngalokho sisho okukhuluma kahle, okukhuthaza ukusetshenziswa, noma okuhlinzeka ngeziqondiso zokusebenzisa noma zokwakha) insangu nemikhiqizo equkethe i-THC noma izakhi ezidunga ingqondo.
  • Okuqukethwe okuhlobene nebhizinisi okuthunyelwe izikhungo zokwelapha zensangu lapho ingekho imizamo yokuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngensangu nemikhiqizo equkethe i-THC noma izingxenye ezihlobene nayo ezidunga ingqondo.
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela i-cannabidiol (CBD) edliwayo noma imikhiqizo ye-cannabinoid efanayo
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela i-cannabidiol (CBD) engadliwa noma imikhiqizo ye-cannabinoid efanayo.
  • Okuqukethwe okwenza izimangalo zezifo ezihlobene ne-cannbidiol (CBD) engadliwa noma imikhiqizo ye-cannabinoid efanayo.
  • Okuqukethwe okubonisa izinto zensangu
Imithi etholakala ngencwadi kadokotela
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngemithi etholakala ngencwadi kadokotela ngokwanoma yimuphi umongo, okuhlanganisa lapho kuthunyelwe amabhizinisi asemthethweni ezempilo athengisa ku-inthanethi.
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela imithi ozithengela yona.
  • Okuqukethwe okuhlanganisa ukuvuma ukusebenzisa noma ukusetshenziswa kwemithi etholakala ngencwadi kadokotela.
Izikhali, Izinhlamvu noma Iziqhumane
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, noma ukuhweba ngezibhamu, ngezingxenye zezibhamu, ngezikhali, ngeziqhumane, noma ngokwakhiwe okubulalayo ngaphandle kwalapho:
    • kuthunyelwe ngeKhasi, ngeQembu noma ngephrofayela ye-Instagram emelele izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi, amabhrendi noma ama-ejensi kahulumeni (isb. umnyango wamaphoyisa, umnyango wezemililo) noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni; futhi kungabonwa kuphela abantu abadala abaneminyaka engama-21 nangaphezulu.
  • Okuzama ukunikela noma ukuphisana ngezibhamu, ngezingxenye zezibhamu, ngezikhali, ngeziqhumane, noma ngokwakhiwe okubulalayo ngaphandle kwalapho kuthunyelwe ngokomongo olandelayo:
    • Kokunikela, ukuhweba noma ukuphinde uthenge izibhamu nezikhali ngeKhasi, ngephrofayela yeQembu noma ye-Instagram emelela izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa nezitolo, amawebhusayithi, amabhrendi noma amanxusa kahulumeni, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni; futhi kungabonwa kuphela abantu abadala abaneminyaka engama-21 nangaphezulu.
    • Indali noma i-raffle yezibhamu eyenziwa izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganise nezitolo, izinhlangano zamanxusa kahulumeni noma ezingenzi-nzuzo, noma abantu abangamanxusa noma abaxhaswa izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni; futhi kungabonwa kuphela abantu abadala abaneminyaka engama-21 nangaphezulu.
  • Ukucela izibhamu, izingxenye zezibhamu, izikhali, iziqhumane, noma okwakhiwe okubulalayo.
  • Imizamo yokuthenga, ukudayisa, ukupha, ukudlulisela, ukuxhumanisa, ukukhuluma kahle, ukugqugquzela ukusetshenziswa noma ukuhlinzeka ngokufinyelela iziqondiso zokuphrinta nge-3D noma zokwakhiwa okusizwa yikhompyutha kwezibhamu noma izingxenye zazo kungakhathaliseki okuqukethwe noma okufakile.
  • Imizamo yokuthenga, ukudayia, ukuhweba, ukunikela, ukupha, ukucela noma ukuvuma ubunikazi bamadivayisi emishini yokushintsha izibhamu.
Ngokomongo olandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwako kubantu abadala abaneminyaka engama-21 nangaphezulu:
Izikhali, Izinhlamvu noma Iziqhumane
  • Okuqukethwe okuthunyelwe noma okuphromotha isitolo esingokoqobo esisemthethweni, izinhlangano, kuhlanganise nezitolo, amawebhusayithu, amabhrendi, noma ama-ejensi kahulumeni azama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukupha noma ukucela (kuhlanganisa nangomongo webhidi noma welotho) ngezibhamu, izingxenye zezibhamu, izikhali, iziqhumane, noma okwakhiwe okubulalayo.
Mayelana nekhontenti elandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwayo kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
Izinto ezinezinsiko noma ezinye izikhali:
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukuxhumanisa, ukunikela, ukuphisana noma ukucela: izinto ezinezinsiko kanye nanoma yiziphi izikhali (isb., isifutho esinopelepele noma ama-knuckle ring).
  • Okuqukethwe okukhuluma kahle ngezibhamu, okunikeza iziqondiso zokusebenzisa noma ezikhuthaza ukusebenzisa izibhamu, izingxenye zezibhamu, izikhali, iziqhumane, okwakhiwe okubulalayo, noma izinto ezinezinsiko lapho kuhlolwa imikhiqizo
  • Imititilizo yokudayiswayo namaphromoshini ezinsiza zokwakhiwe okungabulali
Ugwayi Nemikhiqizo Ehlobene
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti
  • Imizamo yokuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngemikhiqizo ehlobene nogwayi/nenikhothini, noma imikhiqizo egqugquzela ukubhema, okuhlanganisa zonke izinhlobo zama-“ENDS” Electronic Nicotine Delivery Systems Products (isb., ogwayi be-elekthronikhi, ama-vape, nama-vape angenayo inikhothini).
    • Ngaphandle kwalapho kuthunyelwe ngeKhasi, ngeQembu, noma ngephrofayela ye-Instagram kumelela izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi, amabhrendi, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, okuhlanganisa ukudiliva amasevisi nemititilizo yebhrendi.
  • Okuzama ukunikela noma ukuphisana ngemikhiqizo kagwayi/yenikhothini, noma imikhiqizo yama-“ENDS”.
    • Ngaphandle kwalapho kuthunyelwe ngeKhasi, ngeQembu, noma ngephrofayela ye-Instagram kumelela izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi, amabhrendi, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, okuhlanganisa ukudiliva amasevisi nemititilizo yebhrendi.
  • Okucela imikhiqizo kagwayi/yenikhothini, noma imikhiqizo egqugquzela ukubhema, okuhlanganisa zonke izinhlobo zemikhiqizo yama-“ENDS” (ama-vape angenayo inikhothini).
Ngokomongo olandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwako kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
  • Okuqukethwe okuthunyelwe noma okuphromotha izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa nezitolo, amawebhusayithi noma amabhrendi, okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukuphisana ngotshwala noma ngemikhiqizo kagwayi.
  • Okuqukethwe okubonisa ukubhenywa kukagwayi, imikhiqizo yenikhothini, noma imikhiqizo yama-“ENDS”.
  • Okuqukethwe okuxhumanisa noma okuphromotha ukusetshenziswa kukagwayi, imikhiqizo yenikhothini, imikhiqizo yama-“ENDS”, noma amabhrendi kagwayi.
  • Okuqukethwe okubonisa Imikhiqizo Yokuyeka Ugwayi
  • Okuqukethwe okudingida noma okuphromotha ukusetshenziswa kukagwayi, izinto zokubhema, noma amabhrendi kagwayi
  • Okuqukethwe kwemidiya okubonisa ukubhema noma ukutshenziswa kukagwayi ngokomongo ongokoqobo
    • Ngaphandle kwalapho kungokomongo wemikhankaso elwisana nokubhema, amasevisi okweluleka ngokuba umlutha wokubhema, izindawo zokululama ekubhemeni, noma ngokomongo we-PSA
Utshwala
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngotshwala ngaphandle kwalapho:
    • Kuthunyelwe ngeKhasi, ngeQembu, noma ngephrofayela ye-Instagram kumelela izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi noma amabhrendi, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, okuhlanganisa ukudiliva amasevisi nemititilizo yebhrendi.
    • Okuqukethwe kubhekisela otshwaleni noma ekunikezeni isimemo sokuya endaweni yotshwala lapho kuzokwabelwana noma kuzophuzwa khona utshwala emcimbini, esitolo sokudlela, endaweni yokuphuza, noma ephathini.
  • Okuzama ukunikela noma ukuphisana ngotshwala noma ngogwayi ngaphandle kwalapho kuthunyelwe ngeKhasi, ngephrofayela yeQembu, noma ye-Instagram okumelela izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi noma amabhrendi, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni.
  • Okucela imikhiqizo yotshwala neziphuzo.
Mayelana nekhontenti elandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwayo kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
  • Okuqukethwe okuthunyelwe noma okuphromotha izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni kuhlanganisa nezitolo, amawebhusayithi noma amabhrendi, okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukuphisana ngemikhiqizo yotshwala noma iziphuzo.
  • Okuqukethwe okubonisa ukuphuzwa kwemikhiqizo katshwala noma iziphuzo noma ukwabelana ngamaresiphi eziphuzo zotshwala.
  • Okuqukethwe okubhekisela emikhiqizweni yotshwala noma okunikeza isimemo sokuya endaweni yotshwala lapho kuzobe kwabelwana noma kuphuzwa khona utshwala.
Ezempilo Nenhlalakahle
Mayelana nekhontenti elandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwayo kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
Imikhiqizo noma amasevisi okunciphisa umzimba noma okukhuluphala
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana, ukukhuluma noma ukucela imikhiqizo noma amasevisi okunciphisa umzimba noma okukhuluphala.
  • Okuvuma noma okubonisa ukusetshenziswa komkhiqizo wokunciphisa umzimba noma wokukhuluphala, ngokomongo omuhle noma okuxoxa ngemithelela engemihle.
  • Okubonisa ukuxhumanisa noma ukuphromotha (ngalokhu sisho ukukhuluma kahle, ukukhuthaza ukusetshenziswa noma ukuhlinzekwa kweziqondiso zokusebenzisa noma zokwenza) umkhiqizo wokudla okukhethiwe.
  • Okunezitatimende zokweyisa mayelana nokubukeka ngokomzimba (okungukuthi, amagama, izincazelo, noma imibuzo engemihle nehlasela ukubukeka komuntu, izingxenye zomzimba ezithile, noma inhlanzeko), noma ukuboniswa okuseduze kwezingxenye zomzimba ezithile ezibonisa amafutha ancinziwe.
  • Amazwi athi imiphumela ingafinyelelwa ngokusebenzisa kuphela imikhiqizo egqokwayo, njengobucwebe noma amapheshi.
  • Isebenzisa amasu e-clickbait ngokomongo wokunciphisa umzimba noma wokukhuluphala, njengolimi olukhexisayo olunamazwi ezempilo anehaba noma eqisayo, noma izithembiso zemiphumela ethile phakathi nesikhathi esibekiwe ngaphandle kweziqathululi noma imibandela.
Imikhiqizo Yezimonyo, Izinqubo, noma Ukuhlinzwa
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana, ukukhuluma, noma ukucela imikhiqizo yezimonyo, izinqubo, noma ukuhlinzwa. Lokhu kuhlanganisa:
    • Imikhiqizo yokwenza Isikhumba Sikhanye ngokwesibonelo; okhilimu bokwenza isikhumba sibe mhlophe.
    • Izinqubo zezimonyo ngenhloso yokwelapha, noma yokubuyisela ukusebenza noma isimo sobuso noma semizimba yabantu.
  • Okuvuma noma okubonisa ukusetshenziswa kwezinqubo zezimonyo noma zokuhlinzwa, kuqokomise umthelela wazo omuhle noma omubi, noma imiphumela engemihle.
  • Okubonisa ukuxhumanisa noma ukuphromotha (ngalokhu sisho ukukhuluma kahle, ukukhuthaza ukusetshenziswa noma ukuhlinzekwa kweziqondiso zokusebenzisa noma zokwenza) inqubo noma ukuhlinza ngezinjongo zobuhle.
  • Okunezitatimende zokweyisa mayelana nokubukeka ngokomzimba, (okungukuthi, amagama, izincazelo, noma imibuzo engemihle nehlasela ukubukeka komuntu, izingxenye zomzimba ezithile, noma inhlanzeko)
Qaphela: Ukuphromotha izindlela zokuzivocavoca (njenge-Pilates) noma izimonyo zesikhashana (njengokokuziphophotha) akukhaviwe yile nqubomgomo.
Izinkambiso Zezempilo Ezidukisayo
  • Amazwi (ahlanganisa lawo avela kochwepheshe bezempilo noma ezinhlanganweni zezempilo) okuphulukisa, ukululama, noma ukuqeda noma yiziphi zalezi zifo ezingalapheki kanye/noma izifo ezibulalayo (uhlu oluphelele): Qaphela: Lokhu akusebenzi emazwini amayelana nokwelashwa noma ukulawulwa kwezimpawu zalezi zifo.
    • Isifo sikashukela
    • I-herpes
    • Indlala yegilo
    • I-psoriasis
    • I-ebola
    • Umdlavuza
    • I-autism
    • I-Alzheimer's
    • I-Parkinson's
    • I-Amyotrophic Lateral Sclerosis (ALS)
    • Isandulela-ngulazi (Human immunodeficiency virus (HIV))
  • Isebenzisa amasu e-clickbait ngokomongo wezempilo, njengolimi olukhexisayo olunamazwi ezempilo anehaba noma eqisayo, noma izithembiso zemiphumela ethile ehlobene nezempilo phakathi nesikhathi esibekiwe ngaphandle kweziqathululi noma imibandela.
Imikhiqizo yabantu abadala yokuvukelwa ngokocansi
Ikhontenti:
  • Imizamo yokuthenga, ukudayisa, ukuphromotha, ukuhweba, ukunikela, ukupha noma ukucela imikhiqizo yabantu abadala yokuvukelwa ngokocansi, lapho injongo eyinhloko ingukuvusa injabulo yomuntu yezocansi noma ukwandisa ukuvukelwa komuntu ngokocansi, ngokomongo ongewona ongokoqobo noma ongokoqobo. Lokhu kuhlanganisa:
    • Namathoyizi ocansi
    • Imikhiqizo yokuvusa inkanuko
    • Imikhiqizo yokuthuthukisa izitho zobulili ngaphandle kokuhlinza, njengemikhiqizo evusa isifiso socansi noma ethuthukisa isenzo socansi
    • Imikhiqizo lapho ukugxila okuyinhloko kuwukuvusa isifiso socansi noma ukuvukelwa
    • Ukuboniswa kwamathoyizi ocansi ngaphandle komongo ocacile
Imikhiqizo Yempilo Yokuzala noma Yempilo Enhle
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuphromotha, ukuhweba, ukunikela, ukuphisana noma ukucela imikhiqizo yempilo yokuzala noma yempilo enhle. Lokhu kuhlanganisa:
    • Imikhiqizo Yempilo Yokuzala noma Yempilo Enhle lapho igxile ekuzijabuliseni ngokocansi futhi hhayi ezinzuzweni zezokwelapha, okuhlanganisa lezo ezinezinto ezifana nomthondo noma nesitho sangasese sowesifazane
    • Imikhiqizo eqondene nezinkinga zokuzala
    • Ukuhlinzwa kokulungiswa kwezitho zangasese
    • Ukuhlinzwa kwezitho zangasese kwabantu abadala
    • Imfundo yocansi egxile ekuzijabuliseni ngokocansi
    • Imikhiqizo yamahomoni (isb., izikhuthazi ze-testosterone)
Amabhizinisi ocansi abantu abadala
Ikhontenti:
  • Imizamo yokuthenga, ukudayisa, ukuphromotha, noma ukucela amabhizinisi ocansi abantu abadala, engavusa injabulo yomuntu yezocansi noma ukwandisa ukuvukelwa komuntu ngokocansi. Lokhu kuhlanganisa:
    • Amabhizinisi okuzijabulisa kwabantu abadala
    • Izindawo zabantu abadala
    • Amasevisi okufundisa ngocansi
Ukugembula Nemidlalo Ku-inthanethi
Mayelana nekhontenti elandelayo, sibeka imingcele ekubonakaleni kwayo kubantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
Ukugembula Nemidlalo Ku-inthanethi
  • Okuqukethwe okuzama ukudayisa, ukuhweba, ukubonisa noma ukuphromotha amasevisi okudlala nokugembula kwi-inthanethi lapho kudingeka noma iyiphi imali (kuhlanganisa ukheshi, noma imali edijithali/noma ekwi-inthanethi, isb. i-bitcoin) ukuze udlale futhi lapho noma iyiphi imali ingaba umklomelo. Lokhu kuhlanganisa kodwa akulinganiselwe kulokhu:
    • Imidlalo edinga ikhono, amalotho/ama-raffle, ukubheja, ukubhejela imidlalo, imidlalo yase-casino, imidlalo yokuqagela, noma ukwenza ama-draw ama-sweepstake/emiklomelo.
    • Imidlalo Yokugembula ehlinzeka ngesikhathi sokuhlola esilinganiselwe futhi edinga ukukhokhelwa kamuva.
Imidlalo Yomphakathi Yase-casino
  • Okuqukethwe okuzama ukudayisa, ukuhweba, ukubonisa noma ukuphromotha imidlalo yomphakathi yase-casino egqugquzela imidlalo yokugembula njengemishini yama-slot, lapho lingekho ithuba lokuwina imali noma into eyimali. Lokhu kuhlanganisa okuqukethwe okubonisa ithuba lokuwina “izinhlamvu zemali” ezingeyona imali yangempela.
Ukudlala imidlalo mahhala ngokomongo Wokugembula
  • Okuqukethwe okuzama ukudayisa, ukuhweba, ukubonisa noma ukuphromotha imidlalo edlalwa mahhala egqugquzela imidlalo yokugembula, lapho kungadingeki imali ukuze udlale umdlalo, kodwa kungase kube khona ithuba lokuwina imali noma into eyimali.
Indalo esengozini yokushabalala nevikelwe (izilwane zasendle nezitshalo)
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela, noma ukuphisana noma ukucela indalo esengozini yokushabalala noma izingxenye zayo noma indalo yezitshalo ezivikelwe.
  • Okuvuma noma okukhuthaza ukuzingela ngokungemthetho, ukuthenga noma ukuhweba ngendalo esengozini yokushabalala noma izingxenye zayo okwenziwa umuntu othumele okuqukethwe noma abambisene nabo besebenzisa abanye. Lokhu akuhlanganisi izithombe zokuzingela ngokungemthetho okwenziwa abantu abangaziwa.
  • Okubonisa ukuzingelwa ngokungemthetho kwendalo esengozini yokushabalala noma izingxenye zayo okwenziwa umuntu othumele okuqukethwe noma abambisene nabo.
  • Okubonisa ukuxhumanisa noma ukuphromotha (ngalokho sisho ukukhuluma kahle, ukukhuthaza ukuzingelwa ngokungemthetho, noma ukuhlinzeka ngeziqondiso) zokusebenzisa noma zokwakha imikhiqizo ngezilwane noma ngezitshalo okusengozini yokushabalala noma ngezingxenye zako, noma nganoma yiziphi izilwane zasendle ezisengozini yokushabalala noma izitshalo)
Izilwane ezingekho engozini yokushabalala
  • Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngezilwane ezingekho engozini yokushabalala ngaphandle kwalapho:
    • Kuthunyelwe ngeKhasi, ngeQembu noma ngephrofayela ye-Instagram emelele izinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni, kuhlanganisa izitolo, amawebhusayithi asemthethweni, amabhrendi, noma izindawo ezigcina izilwane ezingenamakhaya, noma umuntu owabelana ngokuqukethwe egameni lezinhlangano ezingokoqobo ezisemthethweni.
    • Kuthunyelwe ngokomongo wokutholwa, ukupha, ukucela noma ukunikela noma wokugcina izilwane eziphilayo ezingekho engozini yokushabalala, kuhlanganisa nezindleko zokuzigcina emakhaya okufuywa ozakwenu
    • Ukudayisa isilwane ukuze senziwe umnikelo wezenkolo, noma ukunikela umklomelo ngezilwane ezifuywayo ezilahlekile.
    • Kuthunyelwe ngokomongo wokuthengiswa kwemfuyo.
    • Kuthunyelwe ngokomongo wokuthenga, ukudayisa, noma ukuphisana, ukucela, ukunikela ngezimpondo zezilwane, izitho, izidumbu, ukugcwaliswa kwezikhumba zezilwane, indle (ngaphandle komquba noma umanyolo).
    • Kuthunyelwe ngokomongo wokuhlinzeka ngemikhiqizo ehlobene nezilwane ukuze idliwe abantu njengalena: amaqanda, inhlanzi, njll.
Ubuciko Bakudala
Asikuvumeli lokhu:
Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukupha noma ukucela ubuciko bakudala.
Izimpahla Nezinto Eziyingozi
Asikuvumeli lokhu:
Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukunikela noma ukupha noma ukucela izimpahla nezinto eziyingozi.
Izingxenye Zemizimba Yabantu Noketshezi Lomzimba
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti:
  • Okuzama ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngezingxenye zemizimba yabantu, ngisho nangaphezu komongo wokushushumisa ngabantu okuvinjelwe ngaphansi kwenqubomgomo Yokuxhashazwa Kwabantu.
  • Ukucela ukushintshana ngoketshezi lwabantu
  • Ukuzama ukuthenga, ukudayisa, noma ukuhweba ngoketshezi lwabantu.
  • Ngaphandle uma kuthunyelwe ukuze kunikelwe ngoketshezi lwabantu njengesidoda noma i-plasma yegazi.
Izimpahla Ezibuyisiwe
Asikuvumeli lokhu:
Okuqukethwe okuzama ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba, ukuxhumanisa ukuhweba, ukunikela, ukupha noma ukucela izimpahla ezibuyisiwe.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Idatha
Bheka Umbiko wamuva Wokuphoqelela Izimiso Zomphakathi
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thola usizo ngezimpahla namasevisi abekelwe imingcele
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo