Izinkambiso Zezohwebo Ezivinjelwe
Imininingwane yenqubomgomo
SHINTSHA ILOGI
Namuhla
Ukuqonda Inqubomgomo
Sihlose ukuvikela abasebenzisi namabhizinisi ekutheni baqolwe imali yabo, impahla, noma imininingwane yomuntu siqu. Ukwenza kanjalo, sivimbela ikhontenti nokuziphatha okusebenzisa izinkambiso zezohwebo ezivinjelwe. Lokhu kuhlanganisa imisebenzi yamanga noma izipho zohlelo lukahulumeni, ukuheha abantu abadumile noma amabhrendi, izikimu zokutshala imali (ezihlanganisa izinzuzo eziqinisekisiwe), izikimu zokukhululeka ezikweletini nokulungiswa kwekhredithi, izikimu zokunotha ngokushesha nezezipho, izikimu zokuthandana, nezikimu zesihle.
Sivumela abantu ukuba baqwashise, bafundise abanye, futhi bagxeke imikhonyovu nezinye izinkambiso zezohwebo ezivinjelwe, kuphela nje uma zingavezi imininingwane ezwelayo noma ziyiphromothe.
Mayelana nezinqubomgomo ezihlobene Namadokhumenti Abekelwe Imingcele Namasevisi Ezezimali, bheka Izimiso Zomphakathi Nezimpahla Namasevisi Abekelwe Imingcele.
Ukuphoqelela kwethu akukona okungenamaphutha, futhi singase singazitholi zonke izenzo zokwephula inqubomgomo. Ukuze ufunde kabanzi ngendlela yokubona ikkhontenti ekhohlisayo nalokho ongakwenza ukuze uzivikele, vakashela Isikhungo sethu Sokuvikelwa Kumikhonyovu.
Ukuphoqelela
Singase sithathe izinyathelo zokuphoqelela eziningi, okuhlanganisa kodwa okungapheleli ekukhipheni ikhontenti nezikhangiso, ekunciphiseni ukusatshalaliswa, ekubekeni umngcele kuma-akhawunti okukhangisa, ekunciphiseni izici, ekudingeni ukuqinisekisa, noma ekuyekiseni ama-akhawunti. Lezi zinyathelo zingase zivele kulokho esikuthole ngokwethu, noma zibangelwe imibiko evela ezinhlanganweni ezithenjwayo kanye nempendulo yomsebenzisi (echazwe ngezansi).
Impendulo Yomsebenzisi
Impendulo yomsebenzisi isisiza ukuba sithole izinkambiso zezohwebo ezidala okutholwa abasebenzisi okungekuhle. Sibheka izimpawu ezifana nezindlela ezingashintshi noma amavolomu angalingani okuphendula okubi, futhi sabelana ngokuphendula okufanele nabakhangisi nabathengisi ukuze bathuthukise ikhontenti yabo nokwaneliseka kwamakhasimende. Lapho impendulo embi iphikelela naphezu kwezexwayiso, singase sithathe izinyathelo ezingenhla, kuze kufike ekubekeni imingcele noma ekuvaleni ama-akhawunti noma izinhlangano ezinomthwalo. Lokhu kuhlanganisa ukuphoqelela ezinkambisweni ezifana nalezi:
- Amamanani adukisayo noma angenangqondo.
- Ukungathunyelwa: ukwehluleka ukuthumela imikhiqizo noma amasevisi athengiwe ngemva kokuba sekukhokhiwe.
- Ukuqamba amanga ngomkhiqizo: ukuphromotha imikhiqizo noma amasevisi ahluke kakhulu kulokho okukhangisiwe, okuhlanganisa umehluko omkhulu ngekhwalithi noma ngezinto ezingalungile.
- Izindleko ezingagunyaziwe: ukukhokhisa indlela yokukhokha yekhasimende ngaphandle kokuthola isigunyazo kuqala noma ukudalula ngokucacile.
- Ukwephulwa kwezinqubomgomo zokubuyisela impahla noma zokubuyisa imali: ukwehluleka ukuhambisana nezinqubomgomo ezishiwo zokubuyisa imali noma zokubuyisela impahla.
- Izinkambiso ezikhohlisayo zokubhaliselwe: ukubhalisa amakhasimende ezinhlelweni zokukhokha okuqhubekayo noma kumasevisi okubhaliselwe ngaphandle kokudalula ngokucacile imigomo.
- Amalinki abonakala eholela kumasayithi asemthethweni ezohwebo kodwa empeleni ahlolela kumasayithi omkhonyovu.
Asikuvumeli lokhu:
Ikhontenti esebenzisa amasu okukhohlisa ukuze adukise abantu noma amabhizinisi ngokwezohwebo noma ngokwezimali, okuhlanganisa kodwa okungalinganiselwe kulokhu:
Ikhontenti Evinjelwe Yemali-mboleko
Lokhu kuhlanganisa:
- Imali-mboleko edinga ukuba umsebenzisi akhokhe imali ngaphambi kokuba athole imali-mboleko.
- Izimali-mboleko eziqinisekisa ukugunyazwa ngaphandle kokushiwo kwemibandela evamile yokugunyaza, njengemininingwane yezimali yobolekayo.
Ikhontenti Evinjelwe Yokugembula
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso zamasevisi okugembula ngemali yangempela (okuthi “Imali yangempela” kusho imali esetshenziswa ngempela engasetshenziswa ukuthenga izimpahla noma amasevisi ngokoqobo, okuhlanganisa izimali zezwe njengamaDola ase-U.S. nezimali ezinjengama-Bitcoin):
- okunesiqinisekiso sokuwina.
- okusikisela noma okuvuma ukuthi kugebenge umphumela womdlalo noma wemeshi
- okucela abantu ukuba bavumele ukuqolwa kwemeshi noma ukufuna usizo noma amacebiso endlela yokuqola imeshi noma umdlalo
- ukukhuthaza amasevisi okugembula ngezindlela ezikhohlisayo noma ezifihliwe (njengombhalo ongahlobene ohlanganiswe nesithombe/ividiyo yephromo yokugembula)
- Izithembiso eziphromotha amasevisi avela kubathengisi bokugembula abakhohlisayo.
Imidlalo yase-casino ekhuthaza ukugembula okungenalo ithuba lokuwina imali yangempela ingaphansi ihlanganiswe Yisimiso sethu Somphakathi Sezimpahla Namasevisi Anemingcele.
Ikhontenti Evinjelwe Yokutshala Imali
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso zamathuba okutshala izimali lapho izinzuzo ziqinisekisiwe noma zingenabungozi.
- Izithembiso zamathuba okutshala izimali lapho izinzuzo noma imbuyiselo kusekelwe ngokuyingxenye noma ngokugcwele ekutholweni kwabanye ukuba babambe iqhaza kuleso sikimu.
- Izithembiso zamathuba okutshala izimali ethi noma ezibhekisela ezimbuyiselweni noma ezinzuzweni ezedlule ezaphumelela ukuze kwenziwe abantu balindele imiphumela efanayo esikhathni esizayo.
- Izithembiso zamathuba okutshala izimali ezithi zinikeza izinzuzo (ngokwesibonelo, ngaphansi kwamahora angama-24).
- Izithembiso ngokushintsha imali ethile ibe nkulu ngokuthenga ngemali encane udayise ngemali enkulu noma noma ngamaso abandakanya ukusho ngokucacile ukuthi ”kukhuliswa ukheshi,” "kukhuliswa imali,” noma amagama afana nalawo.
Ikhontenti Evinjelwe Yenhlangano Yesihle
Lokhu kuhlanganisa
- Izicelo zokukhwabanisa zemali noma zeminikelo ngezizathu zesihle.
Ikhontenti Evinjelwe Yokuqomisana
Lokhu kuhlanganisa
- Imizamo yokukhwabanisa ukuze kube nokuqomisana ku-inthanethi ngokufuna ubungane noma ubuhlobo obungenalo ucansi nokuhlinzeka noma ngokucela imali noma into eyimali ukuze kuqhutshekwe.
Ikhontenti Evinjelwe Yokuheha Ngamabhrendi noma Ngosaziwayo
Lokhu kuhlanganisa
- Imikhonyovu yokuheha ngamabhrendi, ehlanganisa ukusho ngamanga ukuthi imelela, noma ikhulumela, ibhizinisi noma inhlangano esunguliwe, kanye namasu adukisayo ukuze ihehele abantu ukuba bahlanganyele kwikhontenti ngomzamo wokuqola noma wokukhwabanisa.
- Imikhonyovu yokuheha ngosaziwayo, ehlanganisa ukusebenzisa ngokungamanga igama, ukufana, noma izithombe zosaziwayo, kanye namasu adukisayo ukuze kuhehele abantu ukuba bahlanganyele kwikhontenti ngomzamo wokuqola noma wokukhwabanisa.
Ikhontenti Evinjelwe Yokuceba Ngokushesha
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso zamathuba omklomelo ongokwezimali ongelona iqiniso ngomzamo ongacacile noma omncane.
Ikhontenti Evinjelwe Yokuphathekayo, Yokungokomoya noma Yokwe-Illuminati
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso ngemiklomelo ephathekayo, njengemali, izimpahla, noma amasevisi anenani eliyimali ezihlanganisa izimali ezingokoqobo, zedijithali neziku-inthanethi, nezimpahla namasevisi angokoqobo noma edijithali kumalungu angaphakathi najoyina inhlangano, inkolo, ihlelo lezenkolo (ngokwesibonelo, ubuzalwane be-Illuminati).
- Izithembiso ngemiklomelo ephathekayo yokusebenzisa ubuthakathi noma imilingo noma izinto zemilingo (ngokwesibonelo, imilingo, izinto zenhlanhla, imigexo, amathokheni, imithi, izikhwama zemali yomlingo, njll.).
Ikhontenti Evinjelwe Yomshwalensi
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso zomshwalense ongamanga, onesaphulelo esikhulu onezicelo zemali ekhokhwa kusengaphambili, njengeyezindleko zawo noma idiphozi.
- Izithembiso zomshwalense ongamanga, onesaphulelo esikhulu onezithembiso zokonga okukhulu kumshwalense uma kuqhathaniswa nabahlinzeki bomshwalense abavamile.
Ikhontenti Yomsebenzi Ovinjelwe
Lokhu kuhlanganisa
- Izithembiso zemisebenzi engenalo ulwazi mayelana nomqashi nemininingwane yomsebenzi, okubhekisela kuphela ezikhaleni zomsebenzi.
- Izithembiso zokusebenzela ekhaya kodwa isihloko somsebenzi sibonisa ukuthi umsebenzi ngeke akwazi Ukusebenzela Ekhaya.
- Izithembiso zemisebenzi enezithembiso zokuholelwa kusengaphambili.
- Izithembiso zemisebenzi eqinisekisiwe.
- Izithembiso zemisebenzi efuna kukhokhwe imali ngaphambi kokuba kunikezwe umsebenzi.
Ikhontenti Evinjelwe Yokukhululeka Ezikweletini Nokulungiswa Kwekhrediti
Lokhu kuhlanganisa
- Okuthembisa ukuqeda noma ukunciphisa isikweletu ngemali ethile phakathi nesikhathi esithile.
- Okuthembisa ukuyeka konke ukuqoqwa kwezikweletu nezimangalo.
- Okuthembisa ukukhipha imininingwane yezikweletu emibikweni yamakhredithinoma ukwakha "igama lekhredithi" elisha.
Ikhontenti Evinjelwe Yezipho
Lokhu kuhlanganisa
- Imititilizo engamanga yomklomelo oqinisekisiwe wemali yangempela noma wezimpahla zomthengi (njenge-elekthronikhi, izimoto, noma ubucwebe) ngaphandle kwanoma yisiphi isenzo esidingwa umsebenzisi ngaphandle kokwabelana ngemininingwane yomuntu siqu noma yezimali.
- Izithembiso ezingamanga zemali evela oxhasweni nasezinhlelweni zikahulumeni.
Ikhontenti Evinjelwe Yemali Ekhokhwa Kusengaphambili
Lokhu kuhlanganisa
- Okuthembisa ngamanga imali uma kukhokhwa izindleko kuqala/kudluliswa imali/inkokhelo nge-wire.
Ngaphandle kwalokhu okungenhla, asiyivimbeli ikhontenti egxeka, eqwashisa, noma efundisa abanye ngemikhonyovu noma ezinye izenzo zezohwebo ezivinjelwe, ngaphandle kokudalula ulwazi oluzwelayo noma kokuziphromotha.
Ngaphezu kokukhipha ama-akhawunti aphula inqubomgomo yethu Yezinkambiso Zezohwebo Evinjelwe, amasistimu ethu azenzekelayo ahlanganisa izinhlobo ezahlukahlukene zezimpawu zokuziphatha ukuze aholele ukuthola nokubeka umkhawulo ekuxhumana nokuvezwa okungafunwa kokwenziwayo okungase kube umkhonyovu.
- Singase sivale ama-akhawunti noma sivimbele ukungena emikhiqizweni nasezicini (isb. ukukwazi ukuthumela imiyalezo kuma-akhawunti athile) ngokusekelwe enhlanganisweni yokuziphatha njengokuthumela imiyalezo engaceliwe kubantu ongabalandeli, ukuhlanekezela ngamabomu indawo okuyo, noma ukuba umlawuli wemiphakathi (isb. Amakhasi) esikususile ngenxa yokwephula izinqubomgomo zethu zomkhonyovu.
Ezimisweni Zomphakathi ezilandelayo, sidinga ulwazi olwengeziwe kanye/noma umongo ukuze siphoqelele:
Singase siyisuse ikhontenti:
- Ebandakanya ukukhwabanisa noma imikhonyovu okuye kwabikwa yinhlangano ethenjwayo.
- Eqasha abantu ukuba babambe iqhaza emacaleni anabamangali abaningi isebenzisa amasu akhohlisayo, njengokuzenza inhlangano kahulumeni noma iziko labezindaba, noma ukusebenzisa izimangalo ezithusayo noma ezinehaba.
- Kubandakanya izinhlangano ezibamba iqhaza noma ezithi zihlanganyela ekuziphatheni okuhleliwe kokukhwabanisa noma komkhonyovu, okuhlanganisa ukusetshenziswa kwama-akhawunti amaningi kumasevisi ethu ngokuvumelana ukuze kubhebhezelwe ukuziphatha kokukhwabanisa.
Sivumela ikhontenti ehlanganiswe kule nqubomgomo lapho iphostwe ngokomongo wokugxeka, ukufundisa, ukuqwashisa noma ukubika izindaba.
Okt 29, 2026
Policy Rationale
We aim to protect users and businesses from being deceived out of their money, property, or personal information. To do so, we prohibit content and behavior that employ prohibited commercial practices. This includes false job or government program offers, celebrity and brand bait, investment schemes (including guaranteed returns), debt relief and credit repair schemes, get-rich-quick and giveaway schemes, romance schemes, and charity schemes.
We allow people to raise awareness of, educate others about, and condemn scams and other prohibited commercial practices, provided they do not reveal sensitive information or promote them.
For policies related to Prohibited Documents and Financial Services, see the Restricted Goods and Services Community Standards.
Our enforcement isn’t perfect, and we may not detect all policy violations. To learn more about how to spot deceptive content and what you can do to help protect yourself, visit our Scam Protection Center.
Enforcement
We may take a range of enforcement actions, including but not limited to removing content and ads, reducing distribution, restricting advertising accounts, limiting features, requiring verification, or disabling accounts. These actions may result from our own proactive detection, or be informed by reports from trusted entities and user feedback (described below).
User Feedback
User feedback helps us identify commercial practices that create poor user experiences. We consider signals such as consistent patterns or disproportionate volumes of negative feedback, and we share relevant feedback with advertisers and sellers so they can improve their content and customer satisfaction. Where negative feedback persists despite warnings, we may take the actions above, up to restricting or disabling the responsible accounts or entities. This includes taking enforcement on practices such as:
- Misleading or unreasonable pricing.
- Non-delivery: failure to deliver purchased products or services after payment has been made.
- Product misrepresentation: promoting products or services that materially differ from what was advertised, including significant discrepancies in quality or incorrect items.
- Unauthorized charges: charging a customer’s payment method without prior authorization or clear disclosure.
- Violation of return or refund policies: failure to honor stated refund or return policies.
- Deceptive subscription practices: enrolling customers in recurring payment plans or subscription services without clear disclosure of terms.
- Links that appear to lead to legitimate commercial sites but instead lead to scam sites.
We do not allow:
Content that uses deceptive tactics to mislead people or businesses for commercial or financial gain, including but not limited to:
Prohibited Loan Content
This includes:
- Loan offers requiring the user to pay an upfront fee to obtain a loan.
- Loan offers that guarantee approval without any mention of standard approval criteria, such as financial information from the borrower.
Prohibited Gambling Content
This includes:
- Offers of real money gambling services (“Real money” is real-world currency that can be used to buy goods or services in the real world, including national currencies such as U.S. Dollars and virtual currencies such as Bitcoin):
- with a guarantee of winning.
- implying or admitting to have rigged the outcome of a game or match
- soliciting people to enable match fixing or looking for help or tips on how to fix a match or game
- promoting gambling services in deceptive or obfuscated ways (such as unrelated text paired with a gambling promo image/video)
- Offers that promote services from known deceptive gambling vendors.
Social casino games that simulate gambling with no opportunity to win real money are covered by our Community Standard for Restricted Goods and Services.
Prohibited Investment Content
This includes:
- Offers of investment opportunities where returns on investment are guaranteed or risk-free.
- Offers of investment opportunities where returns on investment or compensation is partly or fully based on recruitment of others to participate in the scheme.
- Offers of investment opportunities claiming or referencing successful past performance or returns to create an expectation of similar future results.
- Offers of investment opportunities that claim quick returns (such as under 24 hours).
- Offers to turn a certain sum of money into a larger one through flipping or trick or strategy involving explicit mentions of “cash flip,” "money flip,” or similar terminology.
Prohibited Charity Content
This includes:
- Fraudulent requests for money or donations for charitable causes.
Prohibited Romance Content
This includes:
- Fraudulent attempts to establish online romantic relationships by seeking non-sexual companionship or relationship and offering or asking for money or its equivalent in exchange.
Prohibited Brand or Celebrity-Bait Content
This includes:
- Brand-bait scams, which involve falsely claiming to represent, or speak in the voice of, an established business or entity, together with misleading tactics to bait people into engaging with the content in an attempt to scam or defraud.
- Celebrity-bait scams, which involve falsely using the name, likeness, or imagery of a public figure, together with misleading tactics to bait people into engaging with the content in an attempt to scam or defraud.
Prohibited Get Rich Quick Content
This includes:
- Offers of opportunities of unrealistic financial reward for unclear or minimal effort.
Prohibited Tangible, Spiritual or Illuminati Content
This includes:
- Offers tangible rewards, such as money, goods, or services that have a monetary value including physical, digital and virtual currencies, and physical or digital goods and services for membership in or joining an association, cult, religious sect (for example, the Illuminati brotherhood).
- Offers tangible rewards for using black magic or spells or magical items (for example, spells, lucky charms, amulets, tokens, potions, magic wallet, etc.).
Prohibited Insurance Content
This includes:
- Offers of false, heavily discounted insurance with requests for an up-front fee, such as an administration fee or deposit.
- Offers of false, heavily discounted insurance with promises of significant savings on insurance compared to conventional insurance providers.
Prohibited Job Content
This includes:
- Offers of jobs containing no information about the employer and job specifications, simply referencing job vacancies.
- Offers of work from home but the job title implies the employee cannot WFH.
- Offers of jobs with advance promises of salary.
- Offers of guaranteed jobs.
- Offers of jobs with a demand for an advance fee before the job is granted.
Prohibited Debt Relief and Credit Repair Content
This includes:
- Promises to eliminate or reduce debt by a particular amount in a set period of time.
- Promises to stop all debt collections or lawsuits.
- Promises to remove credit information from credit reports or create new "credit identity."
Prohibited Giveaway Content
This includes:
- False offers of a guaranteed reward of real money or consumer goods (such as electronics, vehicles, or jewelry) without any action required by the user beyond sharing personal or financial information.
- False offers of money from government grants or programs.
Prohibited Advance Fee Content
This includes:
- Falsely promises money in exchange for an up-front fee/wire transfer/payment.
Notwithstanding the above, we do not prohibit content that condemns, raises awareness of, or educates others about scams or other prohibited commercial practices, without either revealing sensitive information or promoting them.
In addition to removing accounts that violate our Prohibited Commercial Practices policy, our automated systems consider a range of behavioral signals to help identify and limit unwanted contact and exposure to potential scam activity.
- We may disable accounts or restrict access to products and features (e.g. the ability to message certain accounts) based on a combination of behaviors such as sending unsolicited messages to people who you do not follow, deliberately misrepresenting your location, or being an admin of communities (e.g. Pages) we have removed for violating our scam policies.
For the following Community Standards, we require additional information and/or context to enforce:
We may remove content that:
- Involves frauds or scams that have been reported by a trusted entity.
- Recruits people to participate in class action lawsuits using deceptive tactics, such as impersonating a government entity or news outlet, or using sensationalist or exaggerated claims.
- Involves entities participating in or claiming to engage in organized fraud or scam behavior, including the use of multiple accounts on our services in concert to perpetrate fraudulent behaviors.
We allow content that is otherwise covered by this policy when posted in condemnation, educational, awareness raising, or news reporting contexts.