Ulwazi olukhohlisayo

Imininingwane yenqubomgomo

SHINTSHA ILOGI
Ukuqonda Inqubomgomo
Ulwazi olukhohlisayo luhlukile kwezinye izinhlobo zenkulumo okukhulunywa ngazo eZimisweni zethu Zomphakathi ngoba ayikho indlela yokusho uhlu oluphelele lwalokho okuvinjelwe. Ngokwesibonelo, mayelana nodlame oluyingcaca noma inkulumo enenzondo, izinqubomgomo zethu ziyakusho okuqukethwe esikuvimbelayo, kanti ngisho nabantu abangavumelani naleyo migomo bangayilandela. Nokho, mayelana nolwazi olukhohlisayo, asikwazi ukuhlinzeka ngaleyo ndlela. Umhlaba ushintsha njalo, okuyiqiniso kulo mzuzu kungase kungabi yiqiniso ngomzuzu olandelayo. Abantu futhi banamazinga ahlukahlukene olwazi mayelana nomhlaba obazungezile, futhi bangase bakholelwe ukuthi okuthile kuyiqiniso kube kungelona. Inqubomgomo emane ivimbele “ulwazi olukhohlisayo” ngeke ihlinzeke ngesaziso esiwusizo kubantu abasebenzisa amasevisi ethu futhi ngeke iphoqeleleke, ngoba asikwazi ukufinyelela ulwazi ngokuphelele.
Kunalokho, izinqubomgomo zethu zisho izigaba ezihlukahlukene zolwazi olukhohlisayo futhi izame ukuhlinzeka ngesiqondiso esicacile mayelana nendlela esiphatha ngayo leyo nkulumo lapho siyibona. Ngesigaba ngasinye, indlela esenza ngayo ibonisa umzamo wethu wokulinganisela izimiso zethu zokukhuluma, ukuphepha, isithunzi, ubuqiniso, nobumfihlo.
Siyalususa ulwazi olukhohlisayo lapho kungenzeka ukuba lube neqhaza ngokuqondile ebungozini bokulimala ngokomzimba okungenzeka maduzane. Siyakususa futhi okuqukethwe okungenzeka kube neqhaza ngokuqondile ekuphazamiseni ukusebenza kwezinqubo zezepolitiki. Ekutholeni ukuthi yini eyakha ulwazi olukhohlisayo kulezi zigaba, sisebenza nochwepheshe abazimele abanolwazi nekhono lokuhlaziya iqiniso lokuqukethwe nokuthi kungenzeka yini ukuba libe neqhaza ngokuqondile ebungozini bokulimala okungenzeka maduzane. Ngokwesibonelo, lokhu kubandakanya ukusebenza nezinhlangano zamalungelo abantu ezisebenza nabantu ezweni ukuze sithole iqiniso lamahemuhemu mayelana nengxabano yomphakathi.
Mayelana nalo lonke olunye ulwazi olukhohlisayo, sigxila ekunciphiseni ukuvama kwalo noma ekwakheni isimo esikhuthaza ingxoxo eyakhayo. Siyazi ukuthi ngokuvamile abantu basebenzisa ulwazi olukhohlisayo ngezindlela ezingalimazi, njengokwenza iphuzu libe yihaba (“Leli qembu linerekhodi embi kunawo wonke emlandweni walo mdlalo!”) noma libe yihlaya noma lihlekise (“Umyeni wami usanda kuwina umncintiswano wokuba Umyeni Wonyaka.”) Bangase futhi babelane nokwenzeka kubo ngezindaba eziqukethe imininingwane enganembile. Kwezinye izimo, abantu babelana ngemibono yabo siqu eqinile abanye abayibheka njengamanga noma babelane ngolwazi abakholelwa ukuthi luyiqiniso kodwa abanye abalubheka njengolungaphelele noma oludukisayo.
Njengoba siqaphela indlela inkulumo enjalo evame ngayo, sigxila ekuhlinzekeni abasebenzisi ngolwazi oluwusizo lapho kunokuqukethwe okungase kudukise noma kudide. Njengengxenye yalowo mzamo, ngaphandle kwase-United States sibambisene nezinhlangano zamalungu angaphandle ezihlola amaqiniso ezingxenyeni eziningi zomhlaba ukuze sihlole futhi silinganise ukunemba kokuqukethwe okusabalala kakhulu kumapulatifomu ethu (bheka lapha kanye nalapha ukuze ubone indlela esikusingatha ngayo e-United States). Njengoba luqale e-United States, uhlelo lwamaNothi Omphakathi luvumela abantu ukuthi bafake umongo owengeziwe kokuthunyelwe kwe-Facebook, kwe-Instagram nokwe-Threads okungenzeka kuyakhohlisa noma kuyadida (bona lapha). Sihlinzeka futhi ngezinsiza zokwandisa imidiya nokufunda kwedijithali ukuze abantu banqume ukuthi yini abazoyifunda, bayethemba, futhi babelane ngayo ngokwabo. Sidinga ukuba abantu badalule, besebenzisa ithuluzi lethu lokuveza ulwazi le-AI, noma nini lapho befaka okuqukethwe okungakhokhelwa okunevidiyo enezithombe ezibonakala zingokoqobo noma umsindo okhala njengongokoqobo okusungulwe noma okushintshwe ngedijithali, futhi singase sibahlawulise uma behluleka ukwenza lokho. Singase futhi sifake ilebula kokuqukethwe okuthile okusungulwe noma okusintshwe ngedijithali okwakha ubungozi obukhulu ngokukhethekile bokudukisa abantu ngendaba ebalulekile emphakathini.
Ekugcineni, sivimbela okuqukethwe nokuziphatha kwezinye izici ngokuvamile ezilakanyana nokusabalala kolwazi olukhohlisayo. Ngokwesibonelo, Izimiso zethu Zomphakathi ziyawenqabela fama-akhawunti omgunyathi, ukukhwabanisa, kanye nokuziphatha okungamanga okuhleliwe.
Njengoba izimo eziku-inthanethi nezingekho kuyo zishintsha futhi ziguquka, sizoqhubeka nokushintsha lezi zinqubomgomo. Ama-akhawunti abelana ngokuphindaphindiwe ngolwazi olukhohlisayo oluboniswe ngezansi, ngaphezu kokuthi okuqukethwe kwawo kuphoqelelwe ngokuvumelana nale nqubomgomo, angase athole ukusatshalaliswa okuncishisiwe, ukulinganiselwa kokukwazi kwawo ukukhangisa, noma asuswe kumapulatifomu ethu. Imininingwane eyengeziwe nokuthi kwenzekani lapho i-Meta isusa okuqukethwe ingatholakala lapha.
Imihlahlandlela
Ulwazi olukhohlisayo esilususayo:
Sisusa izinhlobo ezilandelayo zolwazi olukhohlisayo?
I. Ukulimaza Ngokomzimba Noma Udlame
Sisusa ulwazi olukhohlisayo noma amahemuhemu angaqinisekisiwe ozakwethu abangochwepheshe abanqume ukuthi kungenzeka lube neqhaza ngokuqondile ebungozini bobudlova obungenzeka maduzane noma ekulimaleni kwabantu ngokomzimba. Sichaza ulwazi olukhohlisayo ngokuthi okuqukethwe okusho into ilungu langaphandle elinquma ukuthi ingamanga Sichaza amahemuhemu angaqinisekisiwe ngokuthi okushiwo umthombo wawo ozakwethu abangochwepheshe abaqinisekisa ukuthi kunzima kakhulu noma akunakwenzeka ukukuthungatha, okungenayo imithombo enegunya, okungenawo umongo owanele ongenza okushiwo kudaluleke ukuthi kungamanga, noma lapho okushiwo kungakholeki nhlobo noma kungenangqondo nhlobo ukuba kungakholelwa.
Siyazi ukuthi ngezinye izikhathi ulwazi olukhohlisayo lungase lubonakale lungenamsebenzi, emongweni othile, lube neqhaza ebungozini bokulimala okungaphandle kwe-inthanethi, okubandakanya izinsongo zodlame ezineqhaza ebungozini obandile bokufa, ukulimala kabi kakhulu, noma okunye ukulimala ngokomzimba. Sisebenza nenethiwekhi yomhlaba wonke yezinhlangano ezingezona ezikahulumeni (non-governmental organizations (NGOs)), izinhlangano ezingenzi nzuzo, izinhlangano zobuntu, nezinhlangano zamazwe ngamazwe ezinekhono kulezi zinto zakuleli.
Emazweni anobungozi obandile bodlame lomphakathi, sisebenza ngokuzimisela nozakwethu bakuleli ukuba siqonde ukuthi yikuphi okushiwo okungamanga okungaba neqhaza ngokuqondile ebungozini bokulimala ngokomzimba okungenzeka maduzane. Sibe sesisebenza ukuba sihlonze futhi sisuse okuqukethwe okusho lezo zinto kwipulatifomu yethu. Ngokwesibonelo, lapho sibonisana nochwepheshe bendawo, singase sisuse imidiya ephuma eceleni eqamba amanga ngokuthi ibonisa izenzo zodlame, izisulu noma abagqugquzeli bodlame, izikhali noma imishini yezempi.
II. Ulwazi Olukhohlisayo Lwempilo Olulimazayo
Sibonisana nezinhlangano zempilo eziholayo ukuze sihlonze ulwazi olukhohlisayo lwempilo okungenzeka lube neqhaza ngokuqondile ekulimaleni okungenzeka maduze empilweni nasekuphepheni komphakathi. Ulwazi olukhohlisayo lwempilo olulimazayo esilususayo lubandakanya olulandelayo:
  • Ulwazi olukhohlisayo mayelana nemigomo. Sisusa ulwazi olukhohlisayo ngokuyinhloko mayelana nemigomo lapho iziphathimandla zezempilo yomphakathi ziphetha ngokuthi lolo lwazi lungamanga futhi kungenzeka lube neqhaza ngokuqondile ekwenqabeni umgomo okungenzeka maduzane. Lubandakanya:
    • Imigomo ibanga i-autism (Isb: “Imigomo eminingi iyisizathu sokuba izingane eziningi kangaka zibe ne-autism kulezi zinsuku.”)
    • Imigomo ibanga i-Sudden Infant Death Syndrome (Isb: “Awazi ukuthi imigomo ibanga i-SIDS?”
    • Imigomo ibanga isifo okumelwe ngabe ayasivikela, noma abanga ukuba umuntu othola umgomo abe sethubeni elikhulu lokuthola isifo (Isb: “Ukuthatha umgomo empeleni kwenza ube sethubeni elikhulu lokuthola isifo ngoba kunegciwa lesifo kuwo. Qaphela!”)
    • Imigomo noma izithako zayo ziyabulala, zinobuthi, zinoshevu, ziyalimaza, noma ziyingozi (Isb: “Yebo, ungayithatha imigomo, uma ungenankinga nokufaka ushevu emzimbeni wakho.”)
    • Amasosha emvelo aphephile kunamasosha atholakale ngomgomo (Isb: “Kuphephe kakhulu ukumane uthole isifo kunomgomo.”)
    • Kuyingozi ukuthola imigomo eminingi ngesikhathi esifushane, ngisho noma leso sikhathi situswa abezokwelapha (Isb: “Ungathathi ngaphezu komgomo owodwa ngesikhathi esisodwa, lokho kuyingozi - anginandaba nokuthi udokotela wakho ukutshela ukuthini!”)
    • Imigomo ayisebenzi ekuvimbeleni isifo okuthiwa iyasivikela. Kodwa-ke, mayelana ne-COVID-19, i-flu, nemigomo kamalaleveva, asikususi okushiwoyo okuthi leyo migomo ayisebenzi ekuvimbeleni othile ekutholeni lawo magciwane. (Izb: Siyakususa – “Umgomo wovendle awenzi lutho ekukuvimbeleni ukuba uthole isifo”; Siyakususa – “Imigomo empeleni ayenzi lutho ekukuvimbeleni ukuba uthole izifo”; Siyakuvumela – “Umgomo awukuvimbela ekutholeni i-COVID-19, kungakho kusadingeka ukuba uqhele kubantu futhi ugqoke isifonyo uma unabanye.”)
    • Ukuthola isimungumungwane ngeke kukubulale (kudingeka imininingwane eyengeziwe kanye/noma umongo) (Isb: “Ungakhathazeki ngokuthi uyasithola yini isimungumungwane, ngeke sikubulale.”)
    • U-Vitamin C usebenza njengemigomo ekuvimbeleni izifo ezingenayo imigomo yazo.
  • Ulwazi olukhohlisayo mayelana nezempilo phakathi nezimo eziphuthumayo zempilo yomphakathi. Siyalususa ulwazi olukhohlisayo mayelana nezimo eziphuthumayo zempilo yomphakathi lapho iziphathimandla zezempilo yomphakathi ziphetha ngokuthi ulwazi lungamanga futhi lungase lube neqhaza ngokuqondile engozini yokulimala ngokomzimba okungenzeka maduzane, okubandakanya ngokuba neqhaza ebungozini bokuba abantu bathole noma basabalalise isifo esilimazayo noma benqabe umgomo oqondene naso. Sihlonza izimo eziphuthumayo zempilo yomphakathi ngokusebenza neziphathamandla zezempilo ezisemhlabeni wonke nezendawo.
  • Ukukhuthaza noma ukulwela ukuphulukisa ngokuyisimangaliso okulimazayo mayelana nezinkinga zempilo. Lokhu kubandakanya ukwelashwa okungenzeka ukuba ukusetshenziswa kwako okusikiselwayo, ngokomogo wezempilo, kube neqhaza ngokuqondile ebungozini bokulimala kabi noma ukufa, futhi lokho kwelashwa kungenakho ukusetshenziswa kwezempilo okusemthethweni (isb: i-bleach, isibulali-magciwane, i-black salve, i-caustic soda).
III. Ukuphazamisa Umvoti Noma Ukubalwa Kwabantu
Emzamweni wokukhuthaza ubuqotho bokhetho nokubalwa kwabantu, siyalususa ulwazi olukhohlisayo olungase lube neqhaza ngokuqondile ebungozini bokuphazamisa ukukwazi kwabantu ukubamba iqhaza kulezo zinqubo. Lokhu kubandakanya okulandelayo:
  • Ulwazi olukhohlisayo mayelana nezinsuku, izindawo, izikhathi, nezindlela zokuvota, ukubhalisela ukuvota, noma ukubamba iqhaza ekubalweni kwabantu.
  • Ulwazi olukhohlisayo ngokuthi ubani ongavota, ukufanelekela ukuvota, ukuthi ivoti lizobalwa yini noma cha, nokuthi yiluphi ulwazi noma izinto okumelwe zihlinzekwe ukuze kuvotwe.
  • Ulwazi olukhohlisyo mayelana nokuthi umuntu ulungenele yini ukhetho noma cha.
  • Ulwazi olukhohlisayo mayelana nokuthi ubani ongabamba iqhaza ekubalweni kwabantu nokuthi yiluphi ulwazi noma izinto okumelwe kuhlinzekwe ukuze ubambe iqhaza.
  • Ulwazi olukhohlisayo mayelana nokubandakanyeka kukahulumeni ekubalweni kwabantu, okubandakanya, lapho kusebenza, ukuthi ulwazi lomuntu lokubalwa kwabantu kuzokwabelwana ngalo nelinye inxusa likahulumeni (elingabandakanyekile ekubaleni abantu).
  • Okushiwoyo okungamanga noma okungaqinisekisiwe okuthi i-U.S. Immigration and Customs Enforcement (ICE) ayiyona indawo yokuvota.
  • Okushiwoyo okungamanga ngokucacile okuthi abantu bazotheleleka nge-COVID-19 (noma esinye isifo esithathelwanayo) uma beba neqhaza enqubweni yokuvota.
  • Okushiwoyo okungamanga mayelana nezimo zamanje endaweni yokuvota yase-U.S. okungenza kungenzeki ukuvota, njengoba kuqinisekiswe yisiphathimandla sokhetho.
Sinezinqubomgomo ezengeziwe ezihloselwe ukuhlanganisa ukubizela odlameni, ukuphromotha ukubamba iqhaza okungemthetho, nokubizela ekuphazamiseni ukhetho okuhleliwe, ezimelelwe kwezinye izingxenye zeZimiso zethu Zomphakathi.
Mayelana nokuqukethwe okulandelayo, sifaka ilebula elinolwazi:
Imidiya Eshintshiwe
Imidiya ingashintshwa ngezindlela ezihlukahlukene. Ezimweni eziningi, lokhu kushintsha akunamsebenzi, njengokuthi okuqukethwe kuyakopishwa noma kuyafushaniswa ngezizathu zobuciko noma ukwenezela umculo. Kwezinye izimo, ukushintshwa akukho sobala futhi kungadukisa.
  • Okuqukethwe Okwakhiwe Ngedijithali Noma Okushintshiwe Okungase Kudukise. Mayelana nokuqukethwe okungazephuli Izimiso Zomphakathi, singase sifake ilebula elinolwazi ngaphambili kokuqukethwe – noma sikwenqabe okuqukethwe okuthunyelwe kuyisikhangiso – lapho okuqukethwe kuyisithombe noma ividiyo ebonakala ingokoqobo, noma umsindo ozwakala ungokoqobo, eyakhiwa ngedijithali noma eyashintsha futhi eyenza kube nobungozi obukhulu ngokukhethekile bokukhohlisa kabi umphakathi ngendaba ebalulekile emphakathini.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thola usizo ngolwazi olukhohlisayo
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo