Okuqukethwe, Imikhiqizo, noma Amasevisi Okungekho Emthethweni Endaweni

Imininingwane yenqubomgomo

SHINTSHA ILOGI
Ukuqonda Inqubomgomo
Lapho abalawuli noma izinhlangano zikahulumeni zikholelwa ukuthi okuqukethwe kumasevisi ethu kumelene nomthetho wendawo, zingase zisicele ukuba sikubekele umngcele okuqukethwe. Izinhlangano ezingezona ezikahulumeni namalungu omphakathi bangase bathumele imibiko ethi okuqukethwe akukho emthethweni. Singase futhi sithole imiyalelo yenkantolo.
Lapho sithola umbiko noma umyalelo, siqale siwuhlole ngokubheka Izimiso Zomphakathi. Uma sinquma ukuthi okuqukethwe kumelene nezinqubomgomo zethu, siyakususa. Uma okuqukethwe kungaphambene nezinqubomgomo zethu, ngokuvumelana nezibopho zethu njengelungu le-Global Network Initiative kanye Nenqubomgomo yethu Yamalungelo Abantu, senza ukuhlola okungokomthetho kanye nokuhlolisisa ukuhambisana namalungelo abantu ukuze siqinqume ukuthi umbiko ufanele yini noma cha.
Ezimweni lapho sikholelwa ukuthi imibiko ayifanele ngokomthetho, ibanzi ngokweqile, noma ayivumelani nezimiso zamalungelo abantu zamazwe ngamazwe, singase sicele ukucaciselwa noma singasithathi isinyathelo.
Lapho sithatha isinyathelo ngokumelene nokuqukethwe komsebenzisi ngesisekelo somthetho wendawo kunokuba kube ngeZimiso Zomphakathi, sizama ukubeka umngcele ekungeneni kokuqukethwe kuphela esifundeni lapho kuthiwa khona akukho emthethweni futhi asizibeki ezinye izinhlawulo noma imingcele yesici. Siyamazisa futhi umsebenzisi othintekile.
Sishicilela futhi imibiko enikeza imininingwane yendlela esihlaziya ngayo imibiko yokuqukethwe okwephula umthetho wendawo nezimo lapho sibeke khona umngcele ekungeneni kokuqukethwe kulezo zimo, itholakala lapha.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thola usizo ngokuqukethwe, imikhiqizo, noma amasevisi angekho ngokomthetho endaweni
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo