Ukukhwabanisa, Imikhonyovu, Nezinkambiso Ezikhohlisayo
Imininingwane yenqubomgomo
SHINTSHA ILOGI
Namuhla
Jun 6, 2025
Okt 2, 2024
Jul 18, 2024
Aga 4, 2023
Apr 28, 2022
Dis 23, 2021
Nov 24, 2021
Okt 28, 2021
Aga 26, 2021
Mey 4, 2020
Dis 17, 2020
Nov 18, 2020
Dis 16, 2019
Sep 3, 2019
Ukuqonda Inqubomgomo
Sihlose ukuvikela abasebenzisi namabhizinisi ekutheni baqolwe imali yabo, impahla noma imininingwane yomuntu siqu. Sifeza lokhu ngokususa okuqukethwe nokulwisana nokuziphatha okusebenzisa ngamabomu izindlela ezikhohlisayo - njengokumelela kabi ngamabomu, imininingwane entshontshiwe nezimangalo ezinehaba - ukuze kwenziwe umkhonyovu noma ukukhwabanisela abasebenzisi namabhizinisi, noma ukukhuthaza ukuhlanganyela. Lokhu kuhlanganisa okuqukethwe okufuna ukuxhumanisa noma ukukhuthaza leyo misebenzi kusetshenziswa amasevisi ethu. Sivumela abantu ukuthi baqwashise futhi bafundise abanye futhi bagxeke lokhu okwenziwayo.
Asikuvumeli lokhu:
Okuqukethwe okuzama ukuqola noma ukukhwabanisela abasebenzisi kanye/noma amabhizinisi ngokwenza lokhu:
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yemali-mboleko
Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngezimali-mboleko ezidinga ukuba umsebenzisi akhokhe kusengaphambili izindleko zokuthola imali-mboleko.
- Okuhlinzeka ngezimali-mboleko ezinesiqinisekiso noma ezicishe zibe nesiqinisekiso sokugunyazwa, kungaba esishiwo ngokucacile noma siqondakala ngokusikiselwa ngokusekelwe kumongo (njengokuthi imali-mboleko igunyazwwa ngaphandle kokucela imininingwane yezimali).
- Phawula: Sibheka futhi ezinye izimpawu ukuze sithole ukuthi inkampani ifaka okuqukethwe okusemthethweni yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuyinkampani eqinisekisiwe futhi kuyibhange noma isikhungo sezimali.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yokugembula
Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngamasevisi okugembula ngemali yangempela (okuthi “Imali yangempela” kusho imali esetshenziswa ngempela engasetshenziswa ukuthenga izimpahla noma amasevisi ngokoqobo, okuhlanganisa izimali zezwe njengamaDola ase-U.S. nezimali ezinjengama-Bitcoin):
- okunesiqinisekiso sokuwina.
- okusikisela noma okuvuma ukuthi kugebenge umphumela womdlalo noma wemeshi.
- okucela abantu ukuba bavumele ukuqolwa kwemeshi noma ukufuna usizo noma amacebiso endlela yokuqola imeshi noma umdlalo.
Imidlalo yase-casino ekhuthaza ukugembula okungenalo ithuba lokuwina imali yangempela ingaphansi Kwesimiso sethu Somphakathi Sezimpahla Namasevisi Anemingcele.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yokutshalwa Kwezimali noma Yezezimali
- Amathuba Okutshala Izimali. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngamathuba okutshala izimali lapho inzuzo iqinisekisiwe noma ingenabungozi.
- Okuhlinzeka ngamathuba okutshala izimali lapho izinzuzo noma imbuyiselo kusekelwe ngokuyingxenye noma ngokugcwele ekutholweni kwabantu ukuba babambe iqhaza kuleso sikimu.
- Okuhlinzeka ngamathuba okutshala izimali lapho ithuba liwuhlobo “lokuceba ngokushesha” kanye/noma kuthiwa imali encane ingakhuliswa ibe nkulu.
- Ukukhulisa Imali/Ukheshi. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokushintsha imali ethile ibe nkulu ngokukhulisa noma ubuqili noma isu elibandakanya ukusho ngokucacile ukuthi ”kukhuliswa ukheshi,” "kukhuliswa imali,” noma amagama afana nalawo.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yokuthukusa Nokuwasha Imali
- Ukuthukusa Imali. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka noma okucela ukuthukuswa kwemali (ukwenza ukuba izisulu zibe ababambiqhaza abangazi bokuwashwa kwemali ngokunikeza imali noma ngokwabelana ngezinzuzo uma kuzovunyelwa abanye ukuba basebenzise ama-akhawunti abo asebhange noma babadlulisele imali kwabanye).
- Okuhlinzeka noma okucela ukuthuthukiswa kwemali ngokunikeza umsebenzi ukuze kwamukelwe noma kudluliselwe imali emalungwini angaphandle kusetshenziswa i-akhawunti yasebhange yesisulu.
- Ukuwasha Imali. Okuqukethwe:
- Okucela, okunxenxa, noma okuhlinzeka ngokuhlela ukuwashwa kwemali, okuwumzamo wokwenza imali etholakale ngokungemthetho ibonakale isemthethweni ngokufihla umsuka wemali ngochungechunge oluyinkimbinkimbi lokushintshisana ngemali, okuhlanganisa ukukwenza nganoma iyiphi indlela elandelayo:
- Ukufuna ukudlulisela izimali nge-SWIFT (Society for Worldwide Interbank Financial Telecommunications) noma ngezindlela ezifanayo,
- Ukufuna noma ukuhlinzeka ngemininingwane emayelana nezinhlobo zama-akhawunti asebhange atholakalayo ukuba asekele ukwamukelwa ukudluliswa kwemali.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yegama Elingamanga
Okuqukethwe:
- Imizamo yokwenza umkhonyovu noma ukukhwabanisela abasebenzisi ngokumelela kabi igama lomuntu othumele noma uhlobo lwesicelo:
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngenhlangno Yesihle, okuyizicelo zokukhwabanisa imali noma iminikelo yezizathu zesihle kanye nokusho ukuthi umnikelo uyaphuthuma futhi kufakwe imininingwane, njengama-akhawunti asebhange, lapho kungathunyelwa khona imali.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngokuqomisana, okuyimizamo yokukhwabanisa ukuze kube nokuqomisana ku-inthanethi ngokufuna ubungane noma ubuhlobo obungenalo ucansi nokuhlinzeka noma ngokucela imali noma into eyimali ukuze kuqhutshekwe.
- Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Ngebhizinisi/Ngenhlangano Ekhona, okubandakanya ukuqamba amanga ngokuthi imelela, noma ikhulumela, ibhizinisi noma inhlangano ekhona, ngomzamo wokwenza umkhonyovu noma ukukhwabanisa.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Ngomkhiqizo noma Ngomklomelo
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngoxhaso Lukahulumeni. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngamanga ngemali evela oxhasweni lukahulumani noma kunoma yimuphi omunye umthombo wokuxhasa kukahulumeni ngezimali. Sibheka izimpawu ezihlukahlukene ukuze sithole ukuthi inhlangano ithumela okuqukethwe okungokomthetho yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuvela enhlanganweni eqinisekisiwe.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngokuphathekayo, Okungokomoya noma Kwe-Illuminati. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngemiklomelo ephathekayo, njengemali, izimpahla, noma amasevisi anenani eliyimali ehlanganisa izimali ezingokoqobo, zedijithali neziku-inthanethi, nezimpahla namasevisi angokoqobo noma edijithali kumalungu angaphakathi najoyina inhlangano, inkolo, ihlelo lezenkolo (ngokwesibonelo, ubuzalwane be-Illuminati).
- Okuhlinzeka ngemiklomelo ephathekayo yokusebenzisa ubuthakathi noma imilingo noma izinto zemilingo (ngokwesibonelo, imilingo, izinto zenhlanhla, imigexo, amathokheni, imithi, izikhwama zemali yomlingo, njll.).
- Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yomshwalensi. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngomshwalense ongamanga, onesaphulelo esikhulu onezicelo zemali ekhokhwa kusengaphambili (izindleko zawo, noma idiphozi, noma okunye).
- Okuhlinzeka ngomshwalense ongamanga, onesaphulelo esikhulu onezithembiso zokonga okukhulu kumshwalense uma kuqhathaniswa nabahlinzeki bomshwalense abavamile (okungenani ngaphansi ngo-30%).
- Phawula: Sibheka futhi ezinye izimpawu ukuze sithole ukuthi inkampani ithumela okuqukethwe okusemthethweni yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuyinkampani eqinisekisiwe futhi kuyibhange noma isikhungo sezimali.
- Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yemisebenzi. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngemisebenzi enencazelo yomsebenzi engacacile noma engaqondile namathuba okuceba ngokushesha athembisa imali ngokusebenzisa isikhathi noma umzamo omncane.
- Okuhlinzeka ngemisebenzi engenayo imininingwane yomsebenzi, okumane kukhulume ngezikhala zomsebenzi.
- Okuhlinzeka ngokusebenzela ekhaya kodwa uhlobo lomsebenzi kubonisa ukuthi umsebenzi ngeke akwazi Ukusebenzela Ekhaya.
- Okuhlinzeka ngemisebenzi enezithembiso zokuholelwa kusengaphambili.
- Okuhlinzeka ngemisebenzi eqinisekisiwe.
- Okuhlinzeka ngemisebenzi efuna kukhokhwe imali ngaphambi kokuba kunikezwe umsebenzi.
- Phawula: Sibheka futhi ezinye izimpawu ukuze sithole ukuthi inkampani ithumela okuqukethwe okusemthethweni yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuyinkampani eqinisekisiwe
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Wokukhululeka Ezikweletini Nokushintshwa Kwesikweletu. Okuqukethwe:
- Okuthembisa ukususa noma ukuqeda noma ukunciphisa isikweletu ngemali ethile phakathi nesikhathi esithile.
- Okuthembisa ukuyeka noma ukususa konke ukuqoqwa kwezikweletu nezimangalo.
- Okuthembisa ukuxolela noma ukukhansela isikweletu "ngohlelo olusha lukahulumeni” noma ngoshintsho emthethweni noma ngesitatimende esifana nalokho.
- Okuthembisa ukususa noma ukukhipha imininingwane yezikweletu emibikweni yezikweletu noma ukwakha "isimo sezikweletu" esisha.
- Phawula: Sibheka futhi ezinye izimpawu ukuze sithole ukuthi inkampani ithumela okuqukethwe okusemthethweni yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuyinkampani eqinisekisiwe futhi kuyibhange noma isikhungo sezimali.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Wemititilizo. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngomklomelo oqinisekisiwe wemali yangempela uma abasebenzisi bedinga:
- Ukubhalisa kwilinki engekho kwisayithi.
- Ukwabelana Ngemininingwane Ehlonza Umuntu [Personal Identifiable Information] (PII) noma Ngeminye Imininingwane Yomuntu.
- Ukuxhumana ngaphandle kwepulatifomu noma kupulatifomu ngomyalezo wangasese.
- Ukungenzi lutho.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngemali Ekhokhwa Kusengaphambili. Okuqukethwe:
- Okuthembisa ngamanga imali uma kukhokhwa izindleko kuqala/kudluliswa imali/inkokhelo nge-wire.
Ukukhwabanisa Nemikhonyovu Yamadokhumenti
- Amadokhumenti Omgunyathi noma Ashintshiwe. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokucela, ukusungula, ukudayisa, ukuthenga noma ukuhweba ngamadokhumenti omgunyathi noma ashintshiwe.
- Okuhlinzeka ngokuthengiswa kwama-visa noma kwamapasi.
- Okuqinisekisa ukugunyazwa kwama-visa noma kwamapasi.
- Okuvumela abasebenzisi ukuba bathole izigunyazo zama-visa ngaphandle kokufinyelela izimfuneko ezivamile.
- Imali Yomgunyathi noma Mbumbulu. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokudayisa, ukuthenga noma ukuhweba ngemali yomgunyathi noma mbumbulu, ngaphandle kwemidlalo yamabhodi (isb., imali ye-Monopoly) uma kunomongo ocacile wokuthi eyezinjongo zomdlalo wamabhodi.
- Amavawusha Omgunyathi noma Mbumbulu. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokwabelana, ukudayisa, ukuthenga noma ukuhweba ngamavawusha omgunyathi noma mbumbulu.
- Okuvumela, okuphromotha, noma okucela ukusetshenziswa kwamakhuphoni angokoqobo noma adijithali noma amavawusha ukuze kubekwe amanani angafanele ngokwenza lokhu:
- ngokusebenzisa amakhuphoni noma amavawusha ukuze kuthengwe izinto lawo makhuphoni noma amavawusha angahloselwe zona; noma
- ngokusebenzisa amakhuphoni noma amavawusha aphelelwe yisikhathi.
- Izitifiketi zemfundo nezobuchwepheshe zomgunyathi nezishintshiwe. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokudayisa, ukuthenga noma ukuhweba ngezitifiketi zemfundo nezobuchwepheshe zomgunyathi noma ezishintshiwe.
Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngemininingwane Entshontshiwe, Izimpahla noma Amasevisi
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngamakhadi. Okuqukethwe:
- Okubandakanya ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngamakhadi ekhredithi antshontshiwe noma ngezinye izindlela zezimali ezingasetshenziselwa ukuthenga okungagunyaziwe (okwaziwa futhi ngokuthi "ubugebengu bamakhadi").
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Nge-PII. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngeMininingwane Ehlonza Umuntu (PII) noma Ngeminye Imininingwane Yomuntu ngaphandle uma kungeyomuntu oqanjiwe.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Wezibuyekezo Zomgunyathi. Okuqukethwe:
- Ukubizela ukuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngezibuyekezo/ngezilinganiso zomkhiqizo.
- Ukuhlomulisa ngokusikisela noma ngokucacile abasebenzisi ukuba bahlinzeke ngezibuyekezo ukuze bathole izaphulelo, ukubuyiselwa imali noma izinto zamahhala.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngokubhaliselwe. Okuqukethwe:
- Okuhlinzeka ngokuthenga, ukudayisa noma ukuhweba ngamaphasiwedi amasevisi okubhaliselwe (amaphasiwedi okungena kumasevisi aku-inthanethi adinga ukukhokhelwa okuqhubekayo ngezikhathi ezithile) ngokukhuluma ngesevisi ekhokhelwayo eku-inthanethi, ngokuyisho ngegama noma ngokwabelana nge-logo yayo.
- Phawula: Sibheka futhi ezinye izimpawu ukuze sithole ukuthi inkampani ifaka okuqukethwe okusemthethweni yini, okungakhwabanisi, njengalapho kuyinkampani eqinisekisiwe futhi kuyibhange noma isikhungo sezimali.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngokungathembeki. Okuqukethwe:
- Okubandakanya ukwabelana, ukudayiswa, ukuhweba, noma ukuthengwa:
- kwamaphepha ezivivinyo zesikhathi esizayo noma amaphepha ezimpendulo.
- Imikhiqizo noma amasevisi avumela ukukopela ezivivinyweni.
- Imikhiqizo noma amasevisi avumela ukuphumelela ekuhlolweni kwezidakamizwa ngendlela engagunyaziwe
Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Wokusetshenziswa Okungagunyaziwe Kwamadivayisi
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Wokushintsha Idivayisi. Okuqukethwe
- Okubizela ukuthenga, ukudayisa, ukuhweba noma ukwabelana ngamadivayisi ashintshiwe, aguquliwe, noma awusayizi womgunyathi.
- Okuvuma, okuphromotha noma okucela ukusetshenziswa kokushintshwa ngokoqobo kwamadivayisi ukuze kufinyelelwe amanani anganembile.
- Ukukhwabanisa Nomkhonyovu Ngokuqukethwe Okudijithali. Okuqukethwe
- Okuhlinzeka noma okucela imikhiqizo ehlela noma ekhuthaza ukufinyelela kokuqukethwe okudijithali ngendlela engagunyaziwe. Lokhu kuhlanganisa kodwa akulinganiselwe kulokhu: amadivayisi akhulisiwe okubuka amavidiyo, amabhokisi alayishwe ngokugcwele/afakwe i-KODI namasevisi e-KODI.
Izinkambiso Ezikhohlisayo Nezidukisayo
- Izinkambiso Zezempilo Ezidukisayo. Okuqukethwe
- Okuphromotha amazwi noma iziqinisekiso zempilo ezingamanga noma ezidukisayo ngomongo wokuncipha komzimba ngokusebenzisa ukukhohlisa ngokuchofoza, njengokusebenzisa ulimi oluthusayo olusho izinkulumo eziyihaba noma ezeqisayo
Kumongo olandelayo, sibeka umkhawulo ukuze kube abantu abadala kuphela ababuka okuqukethwe, abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu:
Okuqukethwe
- Okuthembisa imiphumela ekhethekile yokuncipha komzimba phakathi nesikhathi esithile ngaphandle kokuba nolimi olunemibandela noma lokuziqathulula.
Ngaphandle kwalokhu okungenhla, asikuvimbeli okuqukethwe okugxeka, okuqwashisa noma okufundisa abanye ngokukhwabanisa nemikhonyovu, ngaphandle kokudalula ulwazi oluzwelayo noma kokuphromotha ukukhwabanisa noma imikhonyovu
Ezimisweni Zomphakathi ezilandelayo, sidinga ulwazi olwengeziwe kanye/noma umongo ukuze siphoqelele:
- Singase sikususe okuqukethwe:
- Okubandakanya ukukhwabanisa/umkhonyovu okuye kwabikwa yinhlangano ethenjwayo.
- Okuhlobene nokufumbathisa noma ukweba.
- Okuhlinzeka ngemigomo ngomzamo wokuqola noma ukukhwabanisela abasebenzisi.
- Okuzama ukuzenza ongeyena, okuzenza usaziwayo, noma okusebenzisa ngokungagunyaziwe isithombe sikasaziwayo ngomzamo wokuqola noma wokukhwabanisa.
- Okuhlinzeka noma okucela imikhiqizo noma amasevisi aklanyelwe ukuhlela ukubuka noma ukurekhoda ngokuyimfihlo abantu, isb., imikhonyovu yezimpimpi, izithungathi zamaselula (ezihlanganisa lezo ezithungatha izinombolo zocingo ezingaziwa), noma eminye imishini yokuhlola.
- Okuhlinzeka ngamathuba okubhalisa abantu ukuba babandakanyeke emacaleni amelela amaqembu abantu ngokuzenza inhlangano kahulumeni noma abezindaba, ngokusebenzisa ulimi olwethusayo, noma ngokusho amazwi ayihaba.
- Okuhlinzeka ngamasevisi okubhalisa akhuthaza abasebenzisi ukuba bafake Imininingwane Yabo.
- Asizivumeli izinhlangano ukuba zibambe iqhaza noma zithi zihlanganyela ekuziphatheni okuhleliwe Kokukhwabanisa noma Komkhonyovu, okuhlanganisa ukusetshenziswa kwama-akhawunti amaningi amasevisi ethu ngokuvumelana ukuze kubhebhezelwe ukuziphatha kokukhwabanisa.
Ezimweni ezithile, sivumela okuqukethwe okungase kwephule Izimiso Zomphakathi lapho kunqunywa ukuthi okuqukethwe kuyihlaya. Okuqukethwe kuzovunyelwa kuphela uma izici ezephula umthetho zokuqukethwe zenziwa ihlaya noma ziqondene nento ethile noma nomuntu othile ukuze kuhlekiswe ngaye noma agxekwe.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thoa usizo ngokukhwabanisa, ngemikhonyovu, nangemikhuba ekhohlisayo
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo