Ukuvikeleka ku-inthanethi

Imininingwane yenqubomgomo

SHINTSHA ILOGI
Ukuqonda Inqubomgomo
Siyaqaphela ukuthi ukuphepha kwabasebenzisi bethu kuhlanganisa ukuvikeleka kwemininingwane yabo siqu, ama-akhawunti, amaphrofayela nezinye izinkampani ze-Meta abazilawulayo, kanye nemikhiqizo namasevisi ethu ngokubanzi ngokwengeziwe. Imizamo yokuqoqa imininingwane yomuntu ezwelayo noma ukuhlanganyela ekungeneni okungagunyaziwe ngezindlela zokukhohlisa noma ezingena ezimfihlweni iyalimaza esimweni esiyiqiniso, esisobala nesiphephile esifuna ukuba naso.
Asikuvumeli lokhu:
Imizamo yokufaka engozini noma yokungena kuma-akhawunti ngezindlela ezingagunyaziwe, ezibandakanya:
  • Ukungena kuma-akhawunti, amaphrofayela, noma kwezinye izinhlangano ze-Meta ngaphandle kwezindlela ezikhohlisayo zothile noma ngaphandle kwemvume ecacile yomnikazi we-akhawunti, wephrofayela, noma wenhlangano.
  • Ukuthola, ukuzuza noma ukucela imininingwane yokungena yomunye umsebenzisi, imininingwane yomuntu siqu, noma eminye imininingwane yomsebenzisi ezwelayo ngokwenjongo yokungena okungagunyaziwe, okuhlanganisa ngezindlela ezilandelayo:
    • Ukweba imininingwane, okuchazwa ngokuthi umkhuba wokusungula ezokuxhumana noma amawebhusayithi akhelwe ukubukeka njengezezokuxhumana nom amawebhusayithi athenjwayo noma athembekile ngokwenjongo yokuthola ngokukhwabanisa imininingwane yomsebenzisi ezwelayo.
    • Ukukhohlisa Abantu, njengemizamo ephindwaphindwayo noma eqhubekayo yokuthatha noma yokuthola izimpendulo zemibuzo evamile yokubuyisa i-akhawunti noma iphasiwedi.
    • I-Malware, i-Greyware, i-Spyware noma enye ikhodi enonya, njengoba kuchazwe ngezansi.
Imizamo yokwabelana, yokusungula, yokusingatha, noma yokusabalalisa ikhodi enonya noma enengozi, okubandakanya:
  • Ukukhuthaza noma ukukhohlisa abasebenzisi ukuthi badawunilode noma bafake amafayela, ama-app, noma izinhlelo ezizobeka engozini ukuvikeleka ku-inthanethi komsebenzisi noma kwedatha, okuhlanganisa, kodwa okungapheleli kulokhu:
    • I-Malware, ichazwa njengekhodi noma isofthiwe eyakhelwe ukulimaza noma ukungena ngokungagunyaziwe kumasistimu. Lokhu kuhlanganisa izinhlelo ezakhelwe ukulimaza amasistimu ekhompyutha, kanye nesofthiwe eyakhelwe ukuthatha imali yezisulu, njenge-ransomware.
    • I-Spyware, ichazwa ngokuthi ikhodi noma isofthiwe eqoqa idatha yabasebenzisi bese iyithumela kumalungu angaphandle ngaphandle kwemvume esekelwe olwazini yomsebenzisi, noma esebenzisa idatha ngokwezinjongo ezingekho emthethweni. (isb., ukufunjathiswa ngokocansi, ukufuna ngenkani imali, ukungena ngokungemthetho kumasistimu.
    • I-Greyware, ichazwa ngokuthi ikhodi noma isofthiwe ephazamisa ukusetshenziswa kwehadiwe noma kwesofthiwe futhi kungase kube nzima ukuyisusa kusistimu yekhompyutha noma kunethiwekhi.
  • Ukusungula, ukwabelana noma ukugcina isofthiwe enonya okuhlanganisa izandiso zamabhrawuza nama-application amaselula, kwipulatifomu noma ngaphandle kwayo okubeka abasebenzisi bethu noma imikhiqizo namasevisi engozini.
  • Ukusongela, ukuvuma, noma ukuvumelana ukugqekezwa - Okuhlanganisa ngokwabelana noma ngokukhangisa ngesofthiwe, ngezifundo, noma ngemikhiqizo evumela abantu ukuthi bagweme amasistimu okuvikeleka, okuhlanganisa isofthiwe ekhuthaza ukugqekeza isofthiwe noma izimvume
  • Ukuhlinzeka ngengqalasizinda ku-inthanethi, ehlanganisa amasevisi okunakekela iwebhusayithi, amaseva esistimu egama ledomeyini namanethiwekhi ezikhangiso avumela amalinki ahlukumezayo ngendlela yokuba amaningi alawo malinki kumasevisi ethu aphule izigaba zogaxekile noma zokuvikeleka ku-inthanethi zeZimiso Zomphakathi.
Okutholwa abasebenzisi
Bona izibonelo ezithile zendlela ukuphoqelela okubukeka ngayo kubantu abaku-Facebook, njengokulandelayo: indlela okubukeka ngayo ukubika okuthile ocabanga ukuthi akufanele kube ku-Facebook, ukutshelwa ukuthi wephule Izimiso zethu Zomphakathi kanye nokubona isikrini sesexwayiso kokuqukethwe okuthile.
Qaphela: Sihlale njalo senza intuthuko, ngakho lokho okubonayo lapha kungase kube okuphelelwe isikhathi kancane uma kuqhathaniswa nalokho esikusebenzisayo njengamanje.
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Ukuxhumana kwangemva kokubika
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Umuzwa wokukhishwa
OKUTHOLWA ABASEBENZISI
Izikrini zesexwayiso
Ukuphoqelela
Sinezinqubomgomo ezifanayo emhlabeni jikelele, zawo wonke umuntu ku-Facebook.
Amathimba okuhlola
Ithimba lethu lembulunga yonke labahloli abangaphezu kuka-15,000 lisebenza nsuku zonke ukugcina abantu bephephile ku-Facebook.
Ukuhlanganyela kwababambiqhaza
Izingcweti zangaphandle, izifundiswa, ama-NGO nabenzi bezinqubomgomo basiza ukwenza Izimiso Zomphakathi ze-Facebook.
Thola usizo ngokuvikeleka ku-inthanethi
Funda lokho ongakwenza uma ubona okuthile ku-Facebook okumelene neZimiso zethu Zomphakathi.
Vakashela Isikhungo sethu Sosizo