Ukuxhashwa kwezingane ngokocansi
Okuqukethwe, okwenziwayo, noma izenzo ezisongela, ezibonisa, ezidumisa, ezisekela, ezihlinzeka ngeziqondiso, ezenza izitatimende zenhloso, ezivuma ukubamba iqhaza noma ukwabelana ngamalinki okuxhashazwa kwezingane ngokocansi (okuhlanganisa izingane zangempela, ojahidada noma izinsana noma ukuboniswa okungekona okwangempela okufana nabantu, njengobuciko, okuqukethwe okwakhiwe nge-AI, abantu abakhiwe, onodoli, njll). Lokhu kuhlanganisa kodwa akulinganiselwe kulokhu:
Ukwenza ucansi
Ukuhlangana ngokocansi ingcaca noma ucansi lomlomo, okuchazwa ngokuthi umlomo noma izitho zobulili ezingena noma ezithinta izitho zobulili noma izinqa zomunye umuntu, lapho okungenani izitho zobulili zomuntu noma umdidi zibonakala.
Ukwenziwa kocansi okusikiselwayo noma kocansi lomlomo, okuhlanganisa lapho sekuzothintwana noma kungabonakali ngokuqondile.
Ukuqhanyeliswa kwezitho zangasese noma kwezinqa, okuhlanganisa lapho okuzokwenziwa sekuseduze noma kungabonakali ngokuqondile.
Noma yikuphi okungenhla okubandakanya isilwane.
Izingane ezinezici zocansi, okuhlanganisa kodwa okungalinganiselwe kulokhu:
Ukuzibamba
Izimpawu zokuqhanyelwa
Ukugxila ezithweni zobulili unoma umdidi
Ukuba khona komuntu omdala oqhanyelwe.
Ukuba khona kwamathoyizi ocansi noma ukutshenziswa kwanoma yiziphi izinto zokuvusa inkanuko, ukuzijabulisa, noma ukunukubeza ngokocansi
Izimpahla zocansi
Ukukhumula
Indawo eyakhiwe (ngokwesibonelo, embhedeni) noma isithombe sobuchwepheshe (ikhwalithi/ukugxila/ama-engela)
Ukuqabulana kuvulwe imilomo
Ukuvuselwa kwezingono zomuntu noma ukucindezela amabele omuntu wesifazane (NGAPHANDLE uma kunceliswa ingane)
Ukuba khona kwezinkomba zokwenziwa kocansi
Okuqukethwe okubandakanya izingane ngokomongo wocansi olungenazo izitho zangasese
Okuqukethwe okusekela, okukhuthaza, okumelela noma okugqugquzela ukubamba iqhaza ekunukubezeni izingane ngokocansi ngaphandle kwalapho kuxoxwa ngako ngokungachemile ngokomongo wezempilo
Okuqukethwe okuhlonza noma okuhlekisa ngalabo okuthiwa bayizisulu zokuxhashazwa kwezingane ngokocansi ngegama noma ngesithombe
Ukucela
Okuqukethwe okucela okuqukethwe okungokocansi noma okwenziwayo okubonisa noma okubandakanya izingane, okuchazwa ngale ndlela:
Izinto Zokuxhashazwa Kwezingane Ngokocansi (Child Sexual Abuse Material (CSAM))
Izithombe ezinqunu zezingane zangempela noma ezingezona ezangempela
Izithombe ezenziwe zaba ezocansi zezingane zangempela noma ezingozona ezangempela
Ukuxhumana okungafanelekile nezingane
Okuqukethwe okwakha noma okuhlela ukuxhumana okungafanelekile nezingane, ngokwesibonelo:
Ukucela, ukuhlela noma ukulungiselela ukwenza ucansi nezingane
Ukuyenga izingane ukuthi zihlanganyele esenzweni socansi ngezingxoxo zocansi noma ukunikeza, ukubonisa, ukuthola noma ukucela izinto zocansi ezinganeni, ngokudalula ngenjongo noma ngemiyalezo yangasese
Ukuhlanganyela ezingxoxweni zocansi ngokucashile emiyalezweni yangasese nezingane
Ukuthola noma ukucela izinto zocansi ezinganeni ezithombeni zangasese
Izithombe ezixhaphazayo zocansi nokufunjathiselwa ucansi
Okuqukethwe okuzama ukuxhaphaza izingane zangempela:
Ngokucela imali, ukwenzelwa umusa noma izithombe zocansi ngezinsongo zokudalula izithombe zangempela noma ezingezona ezangempela noma imininingwane
Ngokwabelana, ukusongela, noma ukusho inhloso yokwabelana ngezingxoxo zocansi zangasese noma izithombe zocansi zangempela noma ezingezona ezangempela
Ukwenziwa kwezingane izinto zocansi
Okuqukethwe (okuhlanganisa izithombe, amavidiyo, ubuciko bangempela, okuqukethwe kwedijitali, nokuchaza ngomlomo) okwenza izingane zangempela noma ezingezona ezangempela zibe yizinto zocansi
Amaqembu, Amakhasi namaphrofayela anikezelwe ekwenzeni izingane zangempela noma ezingezona ezangempela zibe yizinto zocansi.
Ubunqunu bezingane
Okuqukethwe okubonisa ubunqunu bezingane bangempela noma obungebona obangempela lapho ubunqunu buchazwa ngokuthi:
Izithombe eziseduze zezingane zangempela noma ezingezona ezangempela
Ojahidada abanqunu bangempela noma abangebona abangempela, ababonisa:
Izitho zangasese ezibonakalayo, ngisho nalapho zimboziwe noma zifihlwe ngezingubo ezikhanyisayo.
Izinqa ezibonakalayo kanye/noma izibunu ezinqunu ngokugcwele eziseduze
Izingane ezinqunu zangempela noma ezingezona ezangempela, ezibonisa:
Izitho zangasese ezibonakalayo (okuhlanganisa izitho zobulili ezifihlwe ngezinza kuphela noma ngezingubo ezikhanyisayo)
Izinqa ezibonakalayo kanye/noma izibunu ezinqunu ngokugcwele eziseduze
Izingono zabesifazane ezingamboziwe
Ukungagqoki kusukela emqaleni kuya emadolweni - ngisho noma izitho zangasese noma izingono zowesifazane zingabonakali
Ngaphandle kwalapho izithombe ezingezona ezangempela zingezezinjongo zezempilo noma ziwukuboniswa kobunqunu bezingane obungebona obocansi ebucikweni obungokoqobo
Ukunukubezwa kwezingane okungekona okocansi
Amavidiyo noma izithombe ezibonisa ukunukubezwa kwezingane okungekona kwangempela noma okungekona okocansi, kungakhathaliseki ukuthi iyini inhloso yokwabelana ngako, ngaphandle uma izithombe zingezobuciko obungokoqobo, opopayi, amamuvi noma imidlalo yevidiyo
Okuqukethwe okudumisa, okusekela, okuphromotha, okugqugquzela, okuhlinzeka ngeziqondiso noma okukhuthaza ukubamba iqhaza ekunukubezweni kwezingane okungekona okocansi