Izimiso Zomphakathi

Izimiso Zomphakathi zibonisa lokho okuvunyelwe nokungavunyelwe ku-Facebook, ku-Instagram, ku-Messenger naku-Threads.
Isethulo
Lezi zimiso zisekelwe kulokho esikutshelwa abantu neseluleko sochwepheshe emikhakheni enjengobuchwepheshe, ukuphepha komphakathi namalungelo abantu. Ukuze siqinisekise ukuthi izwi lawo wonke umuntu libalulekile, sinakekela kakhulu lapho sisungula izimiso ezibandakanya imibono nezinkolelo ezihlukahlukene, ikakhululkazi lezo zabantu nemiphakathi engase inganakwa noma icwaswe.
Nsuku zonke abantu basebenzisa i-Facebook, i-Instagram, i-Messenger ne-Threads ukwabelana ngalokho ababhekana nakho, baxhumane nabangane nomndeni, futhi bakhe imiphakathi. Amasevisi ethu avumela abantu abayizigidi eziyizinkulungwane ukuthi bakhulume ngokukhululekile kuwo wonke amazwe namasiko futhi ngezilimi eziningi.
I-Meta iyaqaphela ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba i-Facebook, i-Instagram, i-Messenger ne-Threads kube izindawo lapho abantu bezizwa khona benikwe amandla okukhuluma, futhi sithatha indima yethu njengebaluleke kakhulu ukugcina ukuhlukunyezwa kugekho kwisevisi. Yingakho siye sasungula izimiso zalokho okuvunyelwe nokungavunyelwe kula masevisi.
Sicela uphawule ukuthi uhlelo lwase-US lwesiNgisi lweZimiso Zomphakathi luveza iqoqo lezinqubomgomo zakamuva futhi kufanele kusetshenziswe lona njengedokhumenti eyinhloko.
Ukuzibophezela ekubeni nezwi
Umgomo weZimiso zethu Zomphakathi ukwakha indawo yokuveza imibono nokunikeza abantu izwi. I-Meta ifuna ukuthi abantu bakwazi ukukhuluma ngokukhululekile ngezindaba ezibalulekile kubo, kungaba ngokubhala ukuphawula, ngezithombe, umculo, noma ngezinye izindlela zobuciko, ngisho noma abanye bangase bangavumelani nakho noma bakubheke njengokungafanelekile. Kwezinye izimo, sivumela okuqukethwe—okungase kumelane nezimiso zethu—uma kungaba sezindabeni futhi kuzozuzisa umphakathi. Senza lokhu kuphela ngemva kokuqhathanisa inzuzo yesithakazelo somphakathi nengozi yokulimaza, futhi sibheka izimiso zamalungelo abantu zamazwe ngamazwe ukuze senze lezo zinqumo. Kwezinye izimo, singase sisuse okuqukethwe okusebenzisa ulimi olungacacile noma olungavezi obala lapho umongo owengeziwe usivumela ukuthi siqonde ngokuzwakalayo ukuthi okuqukethwe kumelene nezimiso zethu.
Ukuzibophezela kwethu ekuvezeni imibono kubaluleke kakhulu, kodwa siyaqaphela ukuthi i-inthanethi yakha amathuba amasha nengeziwe okuhlukumeza. Ngenxa yalezi zizathu, lapho sibeka imingcele ekuvezeni imibono, sikwenza ngenxa yesimiso esisodwa noma ezengeziwe ezilandelayo:
UBUQINISO
Sifuna ukuqinisekisa ukuthi okuqukethwe abantu abakubonayo kuyiqiniso. Sikholelwa ukuthi ubuqiniso bakha indawo engcono yokwabelana, futhi kungakho singafuni ukuba abantu abasebenzisa amasevisi ethu baqambe amanga ngokuthi bangobani noma ukuthi benzani.
UKUPHEPHA
Sizimisele ukwenza i-Facebook, i-Instagram, i-Messenger ne-Threads kube izindawo eziphephile. Sisusa okuqukethwe okungase kube neqhaza engozini yokulimaza ukuvikeleka ngokoqobo kwabantu. Okuqukethwe okusongela abantu kungase kusabise, kukhiphe inyumbazane noma kuthulise abanye kanti lokho akuvumelekile kumasevisi ethu.
UBUMFIHLO
Sizibophezele ukuvikela ubumfihlo bomuntu siqu nemininingwane. Ubumfihlo bunikeza abantu inkululeko yokuba babe yibo, bakhethe ukuthi bazokwabelana kanjani futhi nini kumasevisi ethu futhi baxhumane kalula ngokwengeziwe.
ISIZOTHA
Sikholelwa ukuthi bonke abantu bayalingana ngesithunzi namalungelo. Silindele ukuthi abantu bazosihlonipha isithunzi sabanye futhi bangahlukumezi noma balulaze abanye.
Izimiso Zomphakathi
Izimiso zethu Zomphakathi zisebenza kuwo wonke umuntu, kuwo wonke umhlaba, nakuzo zonke izinhlobo zokuqukethwe, kuhlanganisa nokuqukethwe kwe-AI.
Isigaba ngasinye seZimiso zethu Zomphakathi siqala "Ngesizathu Senqubomgomo" esiveza izinhloso zenqubomgomo bese zilandelwa yimisho ethize yenqubomgomo ebonisa:
Okuqukethwe okungavunyelwe; futhi
Okuqukethwe okudinga imininingwane eyengeziwe noma umongo ukuze kuphoqelelwe, okuqukethwe okuvunyelwe okunesikrini sesexwayiso noma okuqukethwe okuvunyelwe kodwa okungabukwa kuphela abantu abadala abaneminyaka eyi-18 nangaphezulu.