Ukusiza Intsha Ibone Okuqukethwe Okufanelana Neminyaka Yobudala
LWAKAMUVA MEY 4, 2026
Sifuna ukuthi intsha ibe nokutholakalayo okuphephile, okuhle ku-Facebook naku-Instagram, okuhlanganisa ukuyisiza ukuthi ihlole izithakazelo zayo kuyilapho siyibonisa okuqukethwe okufanelana neminyaka yayo. Sizama ukuvimbela intsha ekuboneni okuqukethwe okungafanele ngezindlela ezintathu eziyinhloko: ukususa okuqukethwe ngokuphelele lapho kuphula imithetho yethu, ukufihla izinhlobo ezithile zokuqukethwe kwabantu abadala noma okuzwelayo entsheni, nokuba nezimiso eziqinile zalokho esikutusayo.
Silokhu sishintsha indlela yethu ukuze sisize siqinisekise ukuthi sinikeza intsha okutholakalayo okuphephile nokufanelana neminyaka, futhi sihlanganisa ucwaningo olunzulu kangangokunokwenzeka neseluleko sochwepheshe ukuze senze abazali bangakhathazeki. Besifuna futhi ukuqondanisa ngokuseduze nesimiso esizimele esijwayelekile kakade emindenini, ngakho sibuyekeze imihlahlandlela yethu efanelana neminyaka - imihlahlandlela enquma ukuthi yikuphi okuqukethwe esikufihlela intsha nokugwema ukuyitusela kona - siyiqhathanisa namamuvi anokulinganisela kobudala buka-13+ nombiko womzali. Lokhu kusho ukuthi umgomo wethu ukuba intsha ibone ikhontenti ku-Instagram ne-Facebook efana naleyo eyibona kwimuvi yobudala obufanele, ngokuzenzekelayo.
Njengoba nje ungase ubone ikhontenti esikisela ucansi noma uzwe ulimi oluqinile kwimuvi okuthiwa ifanele abaneminaka engu-13+, intsha ngezinye izikhathi ingase ibone into enjalo ku-Instagram noma/kanye i-Facebook - kodwa sizoqhubeka senza konke esingakwenza ukuze sigcine lezo zimo ziyivelakancane kangangokunokwenzeka. Siyaqaphela ukuthi alukho uhlelo olungenamaphutha, kodwa sizibophezele ekuthuthukiseni ngokuhamba kwesikhathi.
Kunomehluko omningi phakathi kwezingosi zokuxhumana namamuvi. Besingasebenzi ne-MPA lapho sibuyekeza amasethingi ekhontenti yethu, futhi abalinganiseli noma iyiphi ikhontenti ku-Instagram noma/kanye i-Facebook, futhi abakhuthazi noma bagunyaze amasethingi ethu ekhontenti nganoma iyiphi indlela. Kunalokho, sithole ugqozi kwimihlahlandlela yomphakathi ye-MPA, abazali asebeyijwayele kakade, kanye nombiko ovela kubazali. Izinhlelo zethu zokulawula ikhontenti azifani nezebhodi lokulinganisela imuvi, ngakho okutholakalayo kungenzeka kungafani ncamashi.
Izingqimba Ezihlukahlukene Zokuvikela
Kuwo wonke umuntu: Sisusa okuqukethwe okuphula Izimiso zethu Zomphakathi. Sibuye sibe nesimiso esiphakeme sohlobo lokuqukethwe esikutusayo.
❌ Okuqukethwe EsikususayoIzimiso zethu Zomphakathi zichaza izinhlobo zokuqukethwe esingakuvumeli ku-Facebook naku-Instagram. Sikususa ngokuphelele lokhu okuqukethwe kuwo wonke umuntu - okuhlanganisa intsha - noma nini lapho sazi ngakho. Lapho sisusa okuqukethwe okwephula le mithetho, singase futhi sifake inhlawulo ku-akhawunti eyabelane ngakho, futhi sivala ama-akhawunti aphula ngokuphindaphindiwe noma kabi kakhulu izinqubomgomo zethu. Lezi zinqubomgomo ziklanyelwe ukuvikela wonke umuntu emphakathini wethu, okuhlanganisa nentsha.
Izinhlobo zokuqukethwe esikususa ngokuphelele zihlanganisa, kodwa azipheleli kulezi kuphela:
Ukuhlukunyezwa Nokuxhashazwa
Asikuvumeli okuqukethwe okungahlukumeza noma kuxhaphaze abanye abantu, njengokuthunyelwe okukhuthaza izenzo zocansi okungavunyelwananga ngalo, noma ukwabelana noma ukucela izinto zokuhlukumeza izingane Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ Okuthunyelwe okunikeza ubufebe noma okucela othize ukuthi amthumelele izithombe zocansi.
❌ Isithombe sothize owenza isenzo sokuthandana noma socansi, esabiwe ngaphandle kwemvume yakhe.
❌ Okuthunyelwe okunikeza noma okucela into yokuhlukumeza ingane ngokocansi noma isithombe sezingane ezinqunu.Ukuzibulala, Ukuzilimaza Nezinkinga Zokungadli Kahle
Asikuvumeli okuqukethwe okukhuthaza, okudumisa noma okugqugquzela ukuzibulala, ukuzilimaza noma izinkinga zokungadli kahle, kuyilapho sinikeza abantu indawo yokukhuluma ngalokho ababhekane nakho futhi bacele usizo. Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ Okuthunyelwe okukhuluma kahle ngokuzibulala, ukuzilimaza, noma izinkinga zokungadli kahle
❌ INdaba ebonisa ngokuyingcaca ukuzilimaza.
❌ Ukuphawula okuhlekisa ngothize ngokuba nenkinga yokungadli kahle.
Ukuziphatha Okunenzondo, Ubuqhwaga Nokuhlukunyezwa
Asikuvumeli okuqukethwe okungase kudale isimo sokusatshiswa noma sokukhishwa inyumbazane, okuhlanganisa ubuqhwaga nokuhlukunyezwa. Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ Okuthunyelwe okusebenzisa inkulumo yokwehlisa isithunzi abantu ngokusekelwe kubuhlanga, inkolo, ubuzwe, ubulili ababukhethayo, nobubulili abazihlanganisa nabo.
❌ Okuphawuliwe okuhlekisa ngezisulu zokuhlukunyezwa ngokocansi.
❌ Okuthunyelwe okusabisa ukukhipha imininingwane engase ihlonze umuntu ngokuqondile (njengenombolo yephasiphoti) noma egqugquzela ukuhlukunyezwa kothile.
Izimpahla Namasevisi Abekelwe Imingcele
Asibuvumela ubuqhwaga, ukuthengisa, noma ukuhweba ngezimpahla namasevisi athize angavunyelwe kumapulatifomu ethu. Futhi asibavumeli abantu ukuthi bakhuthaze izinhlobo ezithize zezidakamizwa noma bahlinzeke ngeziqondiso zokuzisebenzisa. Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ INdaba ethi ingathenga, ithengise, noma ihwebe ngezinhlobo ezihlukahlukene zezidakmizwa.
❌Okuthunyelwe okufuna ukuthenga, ukuthengisa, noma ukuhweba ngogwayi, i-nicotine, noma utshwala.
❌ Okuphawuliwe okuhlinzeka ngezingxenye zezibhamu eziphrintiwe ze-3D.Siyawavumela amabhizinisi ahlinzeka ngokusemthethweni ngezinhlobo ezithize zezimpahla ezivinjelwe.
Okuqukethwe Okuwusongo Nokuyingcaca
Asikuvumeli okuqukethwe okuyingcaca ngokweqile, noma okuqukethwe okungase kube usongo ekuphepheni komuntu, njengezinsongo zodlame ngokumelene nabantu abathile. Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ Okuthunyelwe okusongela ukubulala noma ukuthumba omunye umuntu, noma okukhuthaza abanye ukuthi benze udlame.
❌ Ividiyo eyingcaca ebonisa umuntu elinyazwa noma eshishwa ngesihlungu.
Siyakuvumela okuthile kokuqukethwe okuyingcaca ngokomongo wezempilo noma lapho kwabiwa ukuze kuqwashise. Lapho sikuvumela okuqukethwe okuyingcaca, ngokuvamile sikumboza ngesikrini esiyisexwayiso ukuze sazise abantu ukuthi okuqukethwe kungase kube okuzwelayo ngaphambi kokuthi bachofoze kukho.
Ubunqunu, Ukwenza Ucansi, kanye Nolimi Locansi Oluyingcaca
Sibeka umngcele ekubonisweni kobunqunu noma ukwenziwa kocansi kanye nolimi locansi oluyingcaca. Ngokwesibonelo, singasusa:
❌ Isithombe noma ividiyo yobunqunu noma ucansi oluyingcaca, okuhlanganisa lapho kukhiqizwe nge-AI.
❌ Indaba enezincazelo zezenzo zocansi ezisobala neziyingcaca (ngaphandle kwalapho kuyihlaya noma kuhlekisa).
Siyaqonda ukuthi ubunqunu kungabelwana ngabo ngezizathu ezahlukahlukene, okuhlanganisa uhlobo lokubhikisha, ukuqwashisa ngomgomo othile, noma ngezizathu zezemfundo noma zokwelapha. Lapho kufaneleka futhi leyo nhloso icacile, siyakuvumela lokhu okuqukethwe.
Ukuze uthole imininingwane egcwele mayelana nokuqukethwe esikususayo, bheka Izimiso zethu Zomphakathi.
🛡️ Okuqukethwe Esigwema UkukusikiselaSenza ukusikisela ezindaweni ezifana nama-Reel e-Instagram noma i-Explore noma Okuphakelayo kwe-Facebook ukusiza abantu bathole okuqukethwe okusha abangase babe nesithakazelo kukho. Sinayo imihlahlandlela emayelana nohlobo lokuqukethwe okungasikiselwa, futhi sigwema ukwenza ukusikisela okungase kube okwekhwalithi ephansi, okungafanele, noma okuzwela ngokukhethekile—ngisho noma okuqukethwe kungekho kubi kakhulu ukuthi kungakhishwa. Lokhu kungoba sicabanga ukuthi kufanele kube khona izimiso eziqine kakhudlwana lapho kuboniswa abantu okuqukethwe kwama-akhawunti abangakhethanga ukuwalandela.
⚠️ Okuqukethwe Okwengeziwe Esikufihlela Intsha
Intsha: Sinikeza ukuvikeleka okwengeziwe entsheni engaphansi kuka-18. Sifihla ikhontenti eyengeziwe, ngaphezu kwalokho esikususa kuwo wonke umuntu, futhi sigwema ukusikisela entsheni ikhontenti esikiselwa kubantu abadala. Umgomo wethu ukuba intsha ibone ikhontenti ku-Instagram ne-Facebook efana naleyo eyibona kwimuvi yobudala obufanele, ngokuzenzekelayo. Intsha ingafinyelela kuphela isethingi yesithathu, engavimbeli kakhulu - ebizwa ngokuthi Okuqukethwe Okwengeziwe - ngemvume yomzali. Ku-Instagram, intsha noma abazali bayo bangakhetha ukungena kusethingi enemingcele eyengeziwe ebizwa ngokuthi Ikhontenti Elinganiselwe, futhi intsha ingafinyelela kuphela isethingi yesithathu, engavimbeli kakhulu - ebizwa ngokuthi Ikhontenti Eyengeziwe - ngemvume yomzali.
13+ (okuzenzekelayo): Isethingi yokuqukethwe yabaneminyaka engu-13+ igqugquzelwa izilinganiso zemuvi zabaneminyaka engu-13+ nombiko womzali, futhi ivulelwe intsha ngokuzenzekelayo. Sisebenzisane nochwepheshe bentsha emhlabeni wonke ukuze siqonde kangcono ukuthi yiziphi izinhlobo zekhontenti ezingase zifanelane nabantu abadala, kodwa ezingayifanele intsha engaphansi kweminyaka eyi-18, futhi sibuyekeze le mihlahlandlela efanelana nobudala obuthile siyiqhathanisa nezilinganiso zemuvi zobudala be-13+ nombiko womzali. Kule sethingi, sizofihla ikhontenti eyengeziwe entsheni ngaphezyu kwalokho esikususayo kakade kuwo wonke umuntu. Lokhu kusho ukuthi, nakuba abantu abadala bekwazi ukufinyelela kulokhu okuqukethwe, intsha ngeke ikwazi ukubona noma ukuhlanganyela kukho, ngisho noma kwabiwe nge-akhawunti eyilandelayo Kokuphakelayo noma Ezindabeni zayo. Futhi sizovimbela intsha ekutholeni, ekulandeleni nasekusebenzelaneni nama-akhawunti abelana ngokuyinhloko ngokuqukethwe okungafanelani neminyaka.
Chofoza lapha ukuze ubone ezinye zezinhlobo zokuqukethwe esizokufihla entsheni kule sethingi ezenzekelayo.
Ukuzibulala, Ukuzilimaza Nezinkinga Zokungadli Kahle
Sifihla okuqukethwe okuthile okuhlobene nokuzibulala nokuzilimaza ukuze sivikele intsha ezintweni ezingase ziyicindezele noma ezizwelayo. Ngokwesibonelo, singabeka imingcele yeminyaka kulokhu:
⚠️ Okuthunyelwe lapho othize echaza lokho ake abhekana nakho ngokuzibulala, ukuzilimaza noma ngezinkinga zokungadli kahle, ngaphandle uma kungokomongo wokululama.
⚠️ Isithombe noma ividiyo ebonisa abantu besesibhedlela behlanganyela ekubulaleni kwesihe noma besiza ekuzibulaleni.
⚠️ Indaba lapho othile ekhuluma ngokuziphatha kwakhe kokwehlisa isisindo somzimba ngokweqile.
Izimpahla Namasevisi Abekelwe Imingcele
Sifihla okuqukethwe entsheni okungase kubathonye ekubeni bahlanganyele ezenzweni ezingase zibe ingozi. Ngokwesibonelo, singabeka imingcele yeminyaka kulokhu:
⚠️ Okuthunyelwe okuthi kuthengisa ugwayi, imikhiqizo ye-nicotine, utshwala, noma izibhamu lapho kwabelwana ngakho yibhizinisi elisemthethweni elinendawo engokoqobo.
⚠️ Indaba ekhuthaza abantu ukuthi bathathe izidakamizwa ezidunga ingqondo (ezaziwa nangokuthi ama-entheogen) noma imikhiqizo yensangu.
⚠️ Izithombe ezinamaresiphi otshwala.
⚠️ Okuthunyelwe okuthengisa imikhiqizo yokwehlisa isisindo somzimba noma amasevisi.
Okuqukethwe Okuwusongo Nokuyingcaca
Sifihlela intsha izithombe eziningi eziyingcaca neziphazamisayo, ngisho noma singase sizivumele ngokufaka isikrini sesexwayiso kubantu abadala. Ngokwesibonelo, singabeka imingcele yeminyaka kulokhu:
⚠️ Isithombe somuntu oshe kakhulu, esingasimboza ngesikrini sesexwayiso kubantu abadala.
⚠️ Isithombe noma ividiyo yokudubula, isihluku, noma ukushayisana kwezimoto okubulale abantu.
Ubunqunu, Ukwenza Ucansi, kanye Nolimi Locansi Oluyingcaca
Sifihla okuqukethwe okwengeziwe entsheni okungaqukethe ubunqunu obuyingcaca noma ukwenziwa kocansi kodwa okungase kubhekwe njengokusikisela ucansi. Ngokwesibonelo, singabeka imingcele yeminyaka kulokhu:
⚠️ Okuthunyelwe okusondela kubunqunu njengobunqunu obombozwe ngembondela yedijithali.
⚠️ Isithombe esigxile ezinqeni zothile.
⚠️ Indaba enolimi olusikisela ucansi echaza izenzo zocansi, okuhlanganisa ukusetshenziswa kwezingathekiso zocansi.
Ukuze uthole imininingwane egcwele mayelana nekhonenti esiyisusayo, bheka Izimiso zethu Zomphakathi.
Sizogwema futhi ukutusa izinhlobo ezengeziwe zokuqukethwe, ngisho noma kuhambisana nezilinganiso zemuvi yabaneminyaka engu-13+ nombiko womzali. Ikhontenti eningi esigwema ukuyisikisela kubantu abadala isifihlwe ngokuphelele kakade entsheni, kodwa siyenzela okwengeziwe intsha futhi sigweme ukusikisela izinhlobo ezengeziwe zokuqukethwe - njengezithombe noma amavidiyo angase abonakale esikisela ucansi, inhlamba enamandla, noma imigilingwane eyingozi njengokugxuma usuka phezulu.
Okuqukethwe Okunemingcele: Ku-Instagram, kubazali abakhetha izilawuli ezengeziwe, sethule isethingi entsha, enemingcele nakakhulu ebizwa ngokuthi Okuqukethwe Okunemingcele. Uma isethingi yoKuqukethwe Okunemingcele ivuliwe, sizosebenzisa izihlungi zethu zokuqukethwe ngokuqine kakhudlwana ukuze sifihle okuqukethwe okwengeziwe okutholakala kwi-Akhawunti Yentsha. Sizophinde sibeke imingcele emiphumeleni yosesho, futhi sivale ikhono lentsha lokubona, ukushiya noma ukwamukela ukuphawula ngaphansi kokuthunyelwe.
Okuqukethwe Okwengeziwe: Intsha ingashintshela kuphela kwisethingi ethi ‘Okuqukethwe Okwengeziwe’ ngemvume yomzali, leyo abazali abangayinikeza kuphela ngokugadwa abazali. Kule sethingi, intsha isazozuza ekuvikelweni okuzenzekelayo okufihla okuqukethwe okwengeziwe entsheni kunalokho esikwenza kubantu abadala, futhi sisazokususa ngokuphelele okuqukethwe uma kwephula Izimiso zethu Zomphakathi. Kodwa-ke, intsha ingase inconyelwe okunye okuqukethwe engeke ikunconyelwe ku-13+ kanye namasethingi Okuqukethwe Okunemingcele, futhi ngeke sifihle wonke ama-akhawunti abelana ngokuqukethwe okungafanelani neminyaka. Isethingi Yekhontenti Eyengeziwe ngeke ihlinzeke ngokuqukethwe okunemingcele eqine ngokwengeziwe kuyo yonke i-Live, Ukuphawula, Nokusesha okuyingxenye yabaneminyaka engu-13+ namasethingi Ekhontenti Elinganiselwe.
Ukuzihlangula: Kunomehluko omningi phakathi kwezingosi zokuxhumana namamuvi. Besingasebenzi ne-MPA lapho sibuyekeza amasethingi ekhontenti yethu, futhi abalinganiseli noma iyiphi ikhontenti ku-Instagram ne-Facebook, futhi abakhuthazi noma bagunyaze amasethingi ethu ekhontenti nganoma iyiphi indlela. Kunalokho, sithole ugqozi kwimihlahlandlela yomphakathi ye-MPA, abazali asebeyijwayele kakade, kanye nombiko ovela kubazali. Izinhlelo zethu zokulawula ikhontenti azifani nezebhodi lokulinganisela imuvi, ngakho okutholakalayo kungenzeka kungafani ncamashi.
Indlela Yokubika Ikhontenti Eyephulayo
Sisebenza kanzima ukuhlonza okuqukethwe okwephula imithetho yethu, futhi sithola iningi lokuqukethwe esizikhiphela kona sisebenzisa ubuchwepheshe bethu ngaphambi kokuthi kubikwe kithi. Uma ubona okuthile esingakubonanga, sicela usize wenze amapulatifomu ethu abe indawo ephephe nakakhulu ngokukubika ku-Facebook noma ku-Instagram. Yonke imibiko ayilivezi igama.
Izinsiza Ezengeziwe
Izimiso zethu Zomphakathi zinemininingwane yezinhlobo zokuqukethwe esikukhiphayo nemingcele yeminyaka yendawo yenqubomgomo ngayinye. Ukuze uzifunde, chofoza lapha.
Siphinde futhi sasungula ubuchwepheshe obuzitholela abantu abadala okungenzeka bayasolisa, njengomuntu omdala oqhubeka evinjelwa noma ebikwa yintsha, noma uma umuntu omdala ephindaphinda esesha okuqukethwe okwephulayo. Ngeke sisikisele abantu abadala abasolisayo entsheni, futhi ngeke sisikisele intsho kubantu abadala abasolisayo. Ungafunda kabanzi ngalokhu lapha.
Ungafunda kabanzi ngezindlela esisiza ngazo ukugcina umphakathi wethu uphephile Esikhungweni sethu Sokuphepha, nezindlela esisekela ngazo intsha nemindeni Esikhungweni sethu Semindeni.